Inganekwane yesiZulu: Umama nezinkukhu

Kwasukasukela, kwakukhona umama nezingane ezintathu, amantombazane amabili nomfana omncane. Lo mama wayenomakhelwane ofuye izinkukhu eziningi ehluleka ukuzivalela zonke ehhokweni lakhe. Izinkukhu zikamakhelwane zazijwayele ukungena zidle ummbila kalo mama. Umama wabiza ubaba wakwamakhelwane wamtshela ukuthi akhuleke izinkukhu noma azivalele. Waxolisa umakhelwane washo ukuthi ziningi kakhulu zibuye zimehlule ukuzilawula. Kwathi ehambile umakhelwane, zaphuma izinkukhu zagcwala egcekeni lalomama, … Read more

Ukubaluleka kwemfuyo

Izilwane zasekhaya azigcini nje ngokufuyelwa ukuthengiswa, ukuhlatshwa nokuthi zande , kepha zinendima enkulu eziyidlalayo ekhaya njengoba phela imfuyo isondelene kakhulu nabantu abadala, phecelezi amadlozi noma amathongo. Lapha sikhuluma ngokuthi imfuyo idlala yiphi indima ezintweni ezithinta abadala. Imfuyo phela kubuye kube yiyo ethwala ijoka lokubambela laba abasuke bebhekene nolaka lwabaphansi uma kukhona okumele kwenziwe ekhaya ngokwesintu. … Read more

Amaphupho ngenkukhu

Uma uphupha ubona izinkukhu kusho izinto ezinhle ingqobo nje uma zingekanye namatshwele. Ngaphandle kwamatshwele iphupho lisho ukuthi uzoba nenjabulo kanye nempumelelo kodwa uma kunamatshwele kusho ishwa ukwenqatshwa kanye nokulahlekelwa ikakhulukazi kwezothando noma emsebenzini.