Inganekwane yesiZulu: Umama nezinkukhu

Kwasukasukela, kwakukhona umama nezingane ezintathu, amantombazane amabili nomfana omncane. Lo mama wayenomakhelwane ofuye izinkukhu eziningi ehluleka ukuzivalela zonke ehhokweni lakhe. Izinkukhu zikamakhelwane zazijwayele ukungena zidle ummbila kalo mama. Umama wabiza ubaba wakwamakhelwane wamtshela ukuthi akhuleke izinkukhu noma azivalele. Waxolisa umakhelwane washo ukuthi ziningi kakhulu zibuye zimehlule ukuzilawula. Kwathi ehambile umakhelwane, zaphuma izinkukhu zagcwala egcekeni lalomama, wathukuthela kakhulu umama. Wabiza izingane wathi azibambe zonke izinkukhu ezisegcekeni zizingenise endlini yakhe, zenza ngoba eshilo umama wazo.

Bazithatha izinkukhu bazihlaba bazifaka efilijini, ezinye bazidla. Njalo umakhelwane bemupha inyama ngoba wayengasafuyile. Ngelinye ilanga umakhelwane ebalisa ngokuthi ukhumbula ukukhala kwezinkukhu zakhe. Lomama wethuka ngoba wayazi ukuthi ngeke ezithole ngoba bazihlaba zonke. Watshela umakhelwane ukuthi akhohlwe ngazo, aqale phansi. Umakhelwane wathi, “Khululeka ngizoshaya insimbi yami engizibiza ngayo, zizokhala noma sezafa kuze ngithathe amathambo azo.” Lumshaye uvalo lomama ngoba uyazi uzidlile kanti ezinye zisefilijini.

Umakhelwane wavuka ekuseni washaya insimbi yokucinga izinkukhu, zakhala kwamakhelwane ezinye zakhala kuye esiswini.

Cosu cosu yaphela.

Leave a Reply