Inganekwane yesiZulu: Impisi enonya

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasukasukela, kwakukhona ufudu, impisi kanye nengulube. Langa limbe ufudu luzidlela amakhowe kwaqhamuka impisi eyayidume ngenhliziyo yayo embi. Yafika yacikeka ukubona ufudu ludla futhi lubukela lujabule, yaluxhavuna ngezidladla zayo yalugaxa esihlahleni yalushiya kanjalo lulenga kuhle kwendaba engaqediwe ukuxoxwa. Ufudu lwasala lukhala, lungakwazi ukwehla. Amakhowe alo aconsisa amathe lwase luwadla ngamehlo, lungakwazi ukuzehlela. Ngosuku olulandelayo kwaqhamuka ingulube … Read more

Inganekwane yesiZulu: Ufudu

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasukasukela… Kwakukhona imbuzi, imvu, inja, unogwaja kanye nofudu. Babehlala ndawonye endlini eyodwa. Kwathi ngelinye ilanga belambile, bahlanganisa imali yokuyothenga ukudla. Bathuma ufudu ukuthi luyothenga ukudla esitolo. Nangempela luhambe ufudu, kwaphela amalanga amabili wonke, lutho ukubuya ufudu. Kuzwakale uNogwaja esephakama ngolaka, “Uyabona lento yokuthi kuthunywe ufudu luhamba lunyonyoba indlela yonke, thina siyafa indlala!” Kuzwakale ufudu luphendula … Read more