Kwasukasukela, kwakukhona ufudu, impisi kanye nengulube. Langa limbe ufudu luzidlela amakhowe kwaqhamuka impisi eyayidume ngenhliziyo yayo embi. Yafika yacikeka ukubona ufudu ludla futhi lubukela lujabule, yaluxhavuna ngezidladla zayo yalugaxa esihlahleni yalushiya kanjalo lulenga kuhle kwendaba engaqediwe ukuxoxwa. Ufudu lwasala lukhala, lungakwazi ukwehla. Amakhowe alo aconsisa amathe lwase luwadla ngamehlo, lungakwazi ukuzehlela.
Ngosuku olulandelayo kwaqhamuka ingulube izivoshela udaka. Lwamemeza ufudu lucela usizo. Yasondela ingulube yalubamba ngesinono, yalubeka phansi. Yabuza ingulube ukuthi lubekwa yini esihlahleni. Ufudu lwachaza unya kanye nesihluku impisi esenzile. Lweswela amazwi okubonga ufudu engulubeni ngesihe sayo.
Lwathi ufudu, “Ngizokupha isipho esihle kakhulu.” Ufudu lwayibukisisa ingulube lwathi, ”Yiba muhle njengokuba nomusa kwakho kimi.” Yashintsha yaba yinhle ingulube. Ufudu lwathi ingulube ayihambe iyodlula lapho abahlala beyidelela ngobubi bayo khona izobona ukuthi bazolubona yini ushintsho kuyo. Nangempela yashona khona ingulube yahamba ngampela. Kwababaza wonke umuntu, ebabaza ubuhle besilwane. Bonke bagijimisa ingulube befuna ukuyibamba beyoyifuya. Yayihleka yodwa ingulube, umsila iwubhekise phezulu, itshakadula.
Kwenzeka konke lokhu impisi iyabona. Yaza isihambela phezulu ofudwini yathi, “Ngenze ngibe muhle njenge ngulube, kungenjalo ngizokuphosa phezulu futhi esihlahleni.” Lwavuma ufudu kodwa lwathi luzokhulumela ngaphakathi. Yajabula impisi ngoba isizoba yinhle njengengulube. Lwakhulumela ngaphakathi ufudu lwathi, “Yiba mubi njenge nhliziyo yakho enonya.” Lwathi lungaqeda ufudu lwathi impisi ayihambe ngakulabantu ingulube ibihamba eduze kwabo. Yaqeda hamba iyodlula kulabo mama abalimayo iyozwa bayothini mabeyibona. Yahamba ngokuzethemba impisi, ihamba iqholosha inethemba lokuthi yinhle. Abantu bethuka ubumayemaye, bebona isilwane esibi ngendlela eyisimanga. Babememeza bethi asishawe isilwane esibi sizodla abantu. Yabaleka yashiya isithunzi impisi, iyozifihla.
Cosu cosu yaphela.