Inganekwane yesiZulu: Kusinda abakwa Gwala

Kwasukasukela, kwakukhona abangani abababili okwaku ngamantombazane. Ngelinye ilanga babezoya emcimbini wezilwane endaweni yazo. Kwakumele beyoqhudelana nengwe ngokulwa ukuze oyedwa wabo ezoba yinkosi yezilwane. Lo omunye owayaziwa ngamandla wayezizwa futhi enomfutho. Kanti omunye wayethothobele engazi noma liyaphuma noma liyashona. Zahamba izinsuku umngani onamandla elokhu egcona omunye. Lwafika olwamanqamu zaphuma zonke izilwane zizobuka, yaphuma ingwe naye waphuma … Read more

Izithakazelo zakwa Nzimande Clan Names

Mphephetwa!Mdluli,Ngwekazi,Gwala,Manda kulandulwa,Vilakazi,Xamu odla ngomsingizane.Nzimande,Gqawu,Mdlovu,Wena owasukela isigodo simuka nomfula wathi yinyama.Madla kulandulwa!Mdluli,Shebe, Nozulu, NgwekaziPhohlaphohla,Mangqingqingqi.Nyawo zimhlophe ngokunyathela njengezihlabathi zolwandle.Mancama ngesinkwa esikhulu esancama amakhosi eya empini.Mhlandla,Nomandla,Majiya!Wena kaMabathabatha!

Izithakazelo zakwa Gwala Clan Names

Gwala,Mphephethwa,Khilane,Nkondlwane,Nzimande,Majiya,Mantshinga,Sihlase,Ngwede,Ngwavuma,Mgwevu! Enye indlela yokuthakazela uGwala Vilakazi,Ndimande,Mdluli,Gwala,Mphephethe,Nyawozimhlophe ngokunyathela izihlabathi zolwandle,Myeka khamangwa,Majiya Ngwekazi Nkondlwana,Mdlovu omatubutubu,Umhlwehlwe odume njengoZulu,Mancama ngenhlunu.Lugwashu,Matshinga waseMaphephetheni,Sihlase Binda,Binda!Mphephethwa,Wena kaGama,Mantshinga waseMaphephetheni,Owagwaz’ ate ame ngeklwa,UNgwevu noNgwavuma,Nina baseNgwedze neNgwavuma,Sihlase!Owadl’ umkadadewabo,Wathi akananyongo,Wathi akanamehlo,Umhlehlo sibhakakazane,Malinga!Bamchatha ngohlanga bethi akafe,Kanti lapho engasayukufa impela baze banqoba!Gcuma omuhle esiphongo!Gcuma omuhle emehlweni!Gcuma omuhle nangaphasi konyawo!