Izithakazelo zakwa Gwala Clan Names

Gwala,
Mphephethwa,
Khilane,
Nkondlwane,
Nzimande,
Majiya,
Mantshinga,
Sihlase,
Ngwede,
Ngwavuma,
Mgwevu!

Enye indlela yokuthakazela uGwala

Vilakazi,
Ndimande,
Mdluli,
Gwala,
Mphephethe,
Nyawozimhlophe ngokunyathela izihlabathi zolwandle,
Myeka khamangwa,
Majiya Ngwekazi Nkondlwana,
Mdlovu omatubutubu,
Umhlwehlwe odume njengoZulu,
Mancama ngenhlunu.
Lugwashu,
Matshinga waseMaphephetheni,
Sihlase Binda,
Binda!
Mphephethwa,
Wena kaGama,
Mantshinga waseMaphephetheni,
Owagwaz’ ate ame ngeklwa,
UNgwevu noNgwavuma,
Nina baseNgwedze neNgwavuma,
Sihlase!
Owadl’ umkadadewabo,
Wathi akananyongo,
Wathi akanamehlo,
Umhlehlo sibhakakazane,
Malinga!
Bamchatha ngohlanga bethi akafe,
Kanti lapho engasayukufa impela baze banqoba!
Gcuma omuhle esiphongo!
Gcuma omuhle emehlweni!
Gcuma omuhle nangaphasi konyawo!

16 thoughts on “Izithakazelo zakwa Gwala Clan Names”

  1. Mina ngisacela ukwazi kabanzi ngomlando wakwagwala umama wami uzalwa e Eastern Cape kodwa ngu gwala

    Reply
  2. Gwala, thina singamaphephethe umlando ngokwazi kwami sisuka eswatini seza kwelakwaZulu umqali wesizwe samaphephethe nguMkhono owazala indodana uDliwa yena wazala uNzimande kube uNkondlwana u Mdlovu yena wazala uMaphinda bonke Lana baba amakhosi esizwe samaphephethe kuze kuMajiya ukuthi singabaGwala isethuko ngenxa yokuthi mhla sifika entabeni yaseShowe uphiso uzulu wabona umuhle bemfuyo ka Majiya ayeyishiyelwe uNombanjwa engingambalanga phezulu kwakuyizinkomo ezimhlophe zodwa okwakuthiwa onyonikayphumuli wasefuna ukuzidla uzulu ethunywe uyise Umalandela samehlula kuthe sekukhul uShaka naye wazifuna lezinkomo saxoshwa KwaZulu ngokubalekela ukudliwa kwemfuyo sabizwa ngamaGwala amavaka kepha uzulu samehlula njengoba entabeni esasiyakhele savele sabaginqgela amatshe sayidla kanjalo impi iqhawe lakithi uMbheki kambewana umavika ngelangabi uye owasala wayibamba impi wathi asihambeni sayokwakha esikhaleni isekusesikhawini sasuka futhi lapho saya enchanga ilapho sazinza khona ngenxa yokwanda komuzi save sesiba nezindlu eziningi iqhawe umbheki waba nendlu intongela. Amakhosi akithi umkhono,udliwa,u Mdlovu, unombanjwa,umyeka,udlivane,ukhamangwa, umphungwa,umagongo bese uthabdizwe osabusa namanje ukwanda kwezindlu kukhona ungwekazi,ukhilane,umancama intongela umzimvubu okuylapho inkosi ebusayo ikhona njengamanje.

    Reply

Leave a Reply