Izithakazelo zakwa Zimu Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ncube!Khambule,Malandela ilanga,Mzilankatha onsundu nangezinyawo.Okhonza agoduke abuyele ekhaya.Ayokwakha umuzi omkhulu.Madlazitha,Nina bakwamtheli, umamtheli ulele ngaphandle komuzi.Uhlubulile akagqoki ngubo uhlekwa yizingwe nezingonyama azimhleki ziyamkhalela ngoba ziyizinyamazane.

Izithakazelo zakwa Ncube Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Mzilankatha, Nhlansi, Gabadeli, Onkatha kayingen’ endlini,, yangena kubol’ izinkaba zabantwana, Zibizendlela, Zikhali zeMkhonto, Mlotshwa, Khambule, Mpangazitha, Nina bakwaNkomo zilal’ uwaca, ezamadojeyana zilal’amankengana, Nina bakwaMzila kawulandelwa, ukuwulandela -ukuzibambezela, Won’ ulandelwa izinkonjane, Nin’ enalandel’ ilanga laze layoshona kunina, Mpangazitha!