Ncube!
Khambule,
Malandela ilanga,
Mzilankatha onsundu nangezinyawo.
Okhonza agoduke abuyele ekhaya.
Ayokwakha umuzi omkhulu.
Madlazitha,
Nina bakwamtheli, umamtheli ulele ngaphandle komuzi.
Uhlubulile akagqoki ngubo uhlekwa yizingwe nezingonyama azimhleki ziyamkhalela ngoba ziyizinyamazane.