Izithakazelo zakwa Zibane Clan Names
Nontanda kubukwa njengesinene.Bhalabhala kaMancinza,Zikhonjwa!Manzini!Makhoba!Nina nabhala ngozwane abanye bebhala ngepeni,Zungu onozwela.
Nontanda kubukwa njengesinene.Bhalabhala kaMancinza,Zikhonjwa!Manzini!Makhoba!Nina nabhala ngozwane abanye bebhala ngepeni,Zungu onozwela.
Gwabini, Manzini, Geda, Ncwane, Ngankomo yaseMahenyeni, Nyama kayishi, isha ngababhebhezeli, Wena owaphuma ngenoni emgodini, Sengwayo!
Abantu bakwaZungu, oManzini banomlando omkhulu KwaZulu ngoba kulapho kuzalwa khona iNdlovukazi uNozidiya, ezalwa ngokaKhuba wakwaMpungose. UNozidiya wayegane uMalandela owazala amadodana amabili, uQwabe noZulu. AbaKwaZungu babakhe eHlophekhulu bebuswa nguNcwane kaMhlehlo kaSengwayo kaNyamakayishi kaBaphephezi (oGwabini). Inkosi uZungu Abantu bakwaZungu baqala ukwaziwa ngokuthi bangabakwaZungu kusukela egameni likaZungu owabe emncane, umfowabo omdala kunguMakhoba, bezalwa nguNcwane. AbakwaZungu babakhe endaweni kusukela … Read more