Abantu bakwaZungu, oManzini banomlando omkhulu KwaZulu ngoba kulapho kuzalwa khona iNdlovukazi uNozidiya, ezalwa ngokaKhuba wakwaMpungose. UNozidiya wayegane uMalandela owazala amadodana amabili, uQwabe noZulu. AbaKwaZungu babakhe eHlophekhulu bebuswa nguNcwane kaMhlehlo kaSengwayo kaNyamakayishi kaBaphephezi (oGwabini).
Inkosi uZungu
Abantu bakwaZungu baqala ukwaziwa ngokuthi bangabakwaZungu kusukela egameni likaZungu owabe emncane, umfowabo omdala kunguMakhoba, bezalwa nguNcwane. AbakwaZungu babakhe endaweni kusukela eMfolozi eMhlophe kuze kuyoshaya eMfolozi eMnyama nakoMbekamuzi. UNcwane wakhothama washiya ekhombe uZungu njengoyobusa emuva kwakhe. UMakhoba owayengomdala akazange abe nankinga ngalokho. Ngesikhathi ke eseyinkosi uZungu, uMakhoba wahamba wayokwakha endaweni yaseNtabankulu kuze kuyoshaya ngaseMbekamuzi. Kwabe-ke sekudaleka izibongo ezimbili, esakwaMakhoba nesakwaZungu.
Inkosi uManzini
Kuthe ngesikhathi sekubusa uManzini kaTshana yena-ke wabuye wabalanda abakwaMakhoba babuya bazohlangana nabakwaZungu. INkosi uManzini waye nobudlelwane obuhle neSilo uShaka. UManzini waze wanikela ngebutho lakhe elalaziwa ngokuthi ngamAmankentshane ukuba libe ngaphansi kwamabutho kaShaka. UShaka wawathenga ngezinkomo Amankentshane enkosini uManzini.
Inkosi uTshana
UZungu wazala uTshana, uNqangi, uMagedeza noPhasheni. Onke lamadodana kaZungu azalelwa eHlophekhulu, eMahlabathini. Inkosana kwabe kunguTshana, owasala wabusa eHlophekhulu emuva kukayise. UMagedeza wathutha nozalo lwakhe wayokwakha eMpaphala, eMaMbedwini lapho wafika khona wazala uMadlebe. Kuthe ngesikhathi seSilo uDingane, sona samlanda uMadlebe ukuba ayobusa izwe labakwaDube ngoba sona iSilo sabe sesimbulele uNzwakele kaKhushwayo wakwaDube icala lakhe kungukuthi wayengumngani kaShaka.
Inkosi uMadlebe
Lelilizwe lakwaDube lisukela Empangeni kuze kuyoshaya oGobandlovu naseMandlankala. Namuhla laziwa ngokuthi kukwaMadlebe. ISilo uDingane sabuye salanda uMahubulo wakhona kwaZungu ukuba ayobhekisa uMadlebe leliyazwe, lokho wakwenza waze wagcina ebulewe yiSilo uMpande. UMadlebe walibusa leliya zwe ngokukhulu ukuzithoba lokhu. Leliyazwe lisikelana nelakwaBiyela kwaMpukane, eDlalangubo, kanye nelakwaMkhwanazi kwaDlangezwa.
Inkosi uLokothwayo
UMadlebe wazala uLokothwayo owaganwa ngamadodakazi amathathu akwaMthethwa. Emakhosikazini akhe uLokothwayo wazala uZanya (inkosana), uMahlambulukana (ikhohlwa) noPhesheya (iqadi). UZanya akayizalanga inkosana wazala amantombazana wodwa. Kuthe ngaphambi kokuba akhothame, washiya ekhombe uMahlambulukana ukuthi athathe isikhundla sobukhosi. Kwasuka omkhulu umsindo ngalokho ukuthi kwakuzobusa ikhohlo ekubeni isiko lalingakuvumi lokho. UPhesheya lalimvumela isiko lesiZulu ukuthi athathe ubukhosi ngoba lalithi uma inkosana ingatholakali endlunkulu, yiqadi eliyobusa. Wagcina ebuthathile ubukhosi uPhesheya.
UPhasheni kaZungu wagcina ehambile eMahlabathini nozalo lwakhe ngesikhathi isilo uShaka sithumela amabutho akhe ukuba ayohlasela amaMpondo kaGambushe. Kababange besabuya, basale sebezinza khona lapho. Abanye base bezitholele indawo lapho basala khona, sebeholwa nguDeyi kaDeyana kaPhasheni. Abanye babuya bayozinza eSayidi naseHarding.
Amaqhawe akwaZungu
Kubantu bakwaZungu kubalwa khona amaqhawe afana noSidada noNdengezi abayibamba eSandlwana lapho okwasala khona uSidada owayelwisa okohlanya. Kukhona futhi uMkhosana kaZanqawana kaMbondi wasemzini waseNtanjeni, owayeyibambe empini yasoCwecweni. UMaphelu kaMkhosana wasemzini wakwaKhulumephika yena waba yiqhawe ngesikhathi sikaBhambatha, futhi nguyena owabulala umlungu kwaNolele. Ithuna lalowo mlungu lisekhona esangweni lase James Nxumalo Agricultural College, phezu kweMfolozi eMhlophe oNdini. USijulana kaZanxu yena wasala empini yasoNdini mhla zingama 21 kuNtulikazi ngoe-1883 ngesikhathi uZibhebhu kaMaphitha ebhuqa izikhulu zaKwaZulu. UGamela kaManzini wayengelinye iqhawe futhi yena-ke eyinhlambi ehambisana neqhawe lakwaNtuli uSiphendukazana kaNdlela. UMakhosana kaZinqwana waba ngomunye kwabaphelezela iSilo uCetshwayo ngesikhathi siyaphesheya eNgilandi ukuyobonana neNdlovukazi yamaNgisi.
indaba ka gwamanda ayingeni ka Zungu akaziwa
Lomlando ushoda kakhulu
Thanks for helping me
You are welcome, please continue to visit our site.
Siyabonga Ncwane!
Syabonga Gwabini