Izibongo zika Mbhajela Amos Tembe

Gquza nyovane,Ntombi ziyambalekelaUmkhiphen’ emzin’ emhkuluNgoba nithi isiphukuphuku.Mgqakumba wendlovu,Umsunduzu ‘muntu ngobolo,UNogadlabeza umuntu ngenduku,Umvivinyi owavivinyaIntombi kwaze kwayindaba,Egudwini nasekhaya,Waze wathi ngikuthole kahle.Ngoba bengingaziUkuthi ngizokuthola,Mshayi wensizwa,Igijime imuke kwaNgwenya,Iyobuya ngokuhluma kohlaza.UMagatsh’ amadeAdliwe zindlovuUmqomisa Ntombi,Yaze yavukwa ngamandikiUSikhubekisa mina,Ngoba ibhubesi,Nenyathi angikusabi,Ngaxoshana nazoIzindlovu zawela, zabuya kuNsalaniNgalidabula ngayeNgayofika eKilimani,Bangetha igama bathi,Ngingumlandela Ndlovu,Noma engayidli,Kodwa ethath’ amazinyoAwanike amaPutukezi.UNgqingqinini,Umfazi omuhle ngengqayi,USambula cansi,Kuvele umfazi.Umbamni wezindlovu eziyishumi nambili,Kodwa zithathwe … Read more

Izibongo zika Ngwanase

UNgwanengwane emazibukweni,USigodo sikaLuhhayiza,USigodo sikaMsongi wensimba,UNokhaphez’ uthuliUTshetshelankunguUNhloko iyabandaUDlamvula kayinangaUPhunyuka bemphetheAmaputukezi noMphobobo,Bemhlanganyela namaNgola.UMlungisis wezabanye,Kodwa ezamiZibe zonakalaUgodo oluhlalaAmankankaneUmadoda esabaUkuy’ empini,Kodwa nizoze nihambeNgoba iNkosi ishilo,Ukuthi mayihlome maTembe.Umphuphutheki ohambaEngayaz’ indlela,Kodwa bamkhomb’ abayaziyo.UPhaqa njengelanga liphuma,UTongoloka naye nomankwinkwinya,UWashesha wakithi kaTembe,UMabuya ingakabuyi,Indod’ eNgwavuma,Uzihlangu zibomvuUMashiya bejamile.UNyezi weZuluNgoba esegwaziweUDlungwane owadlungana.Nezinkabi endleleni,Besaba ukumyeka,Ngoba kujam’ isilo.Masiya lapha sizophela.Umabona engabonwaOwajama emzileni,Inyathi kaDahhumbaEmpondo zimbedula,Eye yajama phezu kweMpela noSuthu,Kwaze kwakhuz’ … Read more

Izibongo zikaMsongi kaNgwanase

Umsongi wensimbaAyithwal’ ekhanda,Ath’ amagwal’ amanhlwenga’Azobaleka.UDukade olwaduka nomoya.USigoloza esimehlo abomvu,Esibuka umuntu,Kungathi sijamile.USihlahla soMdlebeEsingahlalwa nyoni,Inyon’ ehlala kusona,Kuthiw’ ibhobok’ amehlo,Injoja-mehlo.UMabheka phansi njengengulube,Ungqungqul edl’ amadoda,Ingadla abafazi,Nga ilambile.Ikhaliwa kwangathi liyanyazima,Uthunzi elimahengazana,Abalibuke balisola,Kodwa bayongena kulona bonke,‘Ze bangashiswa yilanga.Uphondo lomziki,Luhlezi nje ethunzini,Luhlalele amankengana.Mbabazan’ egoqeleke,Ezihlahleni kwakhamba,Kodwa liyayayzi iminwe,Ukunwayiza kwayo.Umhlomisi wempi,Iyoshona kuMangulwane,UMangulane ozala uVundisaWalishanela waze,Wayofika eMarakwiniLapho ababembiza bethiAkamshay’ idolo,Ngoba uma edubukaPhezulu bothi ikhanda,Kanti isidlukulu,Ngathi … Read more

Yini Izithakazelo?

Izithakazelo ziyigugu nendlela yokuzigqaja kulowo osuke ebizwa ngolibo lwamaqhawe akubo.Ngisho kungathiwa umuntu usethukuthele wagana unwabu, uma uke wambiza ngesithakazelo samhlaba siye siyithunge maphakathi inhliziyo uzibone izihlathi zivakashela izindlebe. Zonke izizwe zabeNguni zinezibongo. Izibongo lezo zihambisana nezithakazelo. Izithakazelo zehluka ngokuthi zona zihambisana nesibongo sabantu abanenkaba yozalo. Zisuselwaphi izithakazelo? Izithakazelo lezi zisuselwa emagameni nasezibongweni zokhokho besibongo esithile. … Read more