Inyosi yesizwe nezimbongi
Izihasho Izithakazelo kanye nezihasho kuyahlukana. Izithakazelo ezomuntu nje ubuyena nesibongo sakhe. Azithinti yena yedwa kepha zithinta nomndeni wakhe uqobo, okungumlando wasekhaya. Bese kuthi izihasho zobunsizwa zona ezokukhula komuntu kanye nje nobunsizwa bakhe. Uma insizwa ishaye ijongosi lesibongo esithile ekade isigobile izinsizwa ziyeshela inqaba nocu lwayo. Kujwayelekile ukuthi izibongo zaleyonsizwa kungene kuzona ukuthi ithole intombi yakwabani … Read more