Izihasho
Izithakazelo kanye nezihasho kuyahlukana. Izithakazelo ezomuntu nje ubuyena nesibongo sakhe. Azithinti yena yedwa kepha zithinta nomndeni wakhe uqobo, okungumlando wasekhaya. Bese kuthi izihasho zobunsizwa zona ezokukhula komuntu kanye nje nobunsizwa bakhe. Uma insizwa ishaye ijongosi lesibongo esithile ekade isigobile izinsizwa ziyeshela inqaba nocu lwayo. Kujwayelekile ukuthi izibongo zaleyonsizwa kungene kuzona ukuthi ithole intombi yakwabani ebesibahlule abanye yatholwa uyena. Uma nje iqala idlala leyonsizwa phakathi kwezinye izinsizwa ziyayihasha ziyibize ngezibongo zayo. Ukuhasha insizwa emdlalweni akudingi ukuthi uze ube imbongi noma inyosi.
Omunye umehluko ukuthi amakhosi ngokwezibongo zawo ayaba nezimbongi zawo kepha loyomuntu akabizwa ngokuthi inyosi. Ngoba phela inyosi umuntu ohasha iSilo sezwe kanti izimbongi zahasha amakhosi ezindawo ezithize. Ngokomsebenzi izimbongi zamakhosi kanye nenyosi yesizwe benza umsebenzi owodwa kodwa umehluko ukuthi kunezigaba zakhona ngokomsebenzi. ISilo singamela izwe lonke siphathe namakhosi ezifunda ezahlukene bese amakhosi wona angamela izindawo zawo. Lokho kusho ukuthi iNyosi yeSilo iba inyosi yesizwe sonke okubalwa namakhosi asengamele.
Ubunsizwa lobu akusiyona into ehlalelwa phansi ifundwe njengokufundela ikhono elithile, kepha ubunsizwa into okhula nayo uhlangabezwa izimo obhekana nazo kanye nezigameko ezikwehlelayo empilweni. Ukwalusa lokhu kuyingxenye yakho ukukhula nalapho kuqeqesheka khona izinsizwa ngoba phela ekwaluseni akuhlekwa ngoba phela kuyaqhathwana kuphume ingqwele uma abafana belusile kanti ke futhi kudliwa nephaphu kunjalo, konke okuwu mdlalo wezinsizwa. Kepha ke inhloso kusuke kuyikhona ukuqinisana, insizwa ingabi nje ntekenteke ithambe njengebhece lasensimini. Izihasho zensizwa ziyinsila zayo ngoba phela zisukela ezigamekweni eke yabhekana nazo, ubuqhawe bayo ngisho nabo ubuvaka bayo ngoba phela izihasho ziwumlando wakhe loyo osuke ehashwa, kwazise ubizwa ngokwakhe. Zigcine zifana negama lakhe kanye nesibongo, ingakho insizwa uma igiya emdlalweni thizeni noma igiya ekhaya iyaye ivumise bese ihashwa ngezihasho zayo eziqanjwe ezinye izinsizwa esuke ikhula nazo zazi amagalelo nezimo esike yabhekana nazo empilweni. Lana ke sithi ake sithathe izihasho zikaNodlalisa Mthabela insizwa yakwaHlabisa.
Umnyama woshi
UMnyama sabhawu,
Bathi kuligilisi kayitiyela
UMnyama sabhawu,
UMnyama nduku zezulu.
Wili-wili waseSuthu
Niyahlupha ngoba,
Asizwani ngolimi
Nani maShangane,
Nani maMpondo,
Gasa kaManukuza
Uyingungunyane ngoba
Uyinkosi yasePutukezi.
Thayiza, thayiza Nomathenisi
Mshubu kaZashila
Bathe udlalisa ingane,
Nodlalisa kanti,
Uqonde unina uqobo.
Mpaqampaqa nduku
Zema kabi!
Ngoba ziye zema
Okhakhayini koKhiph’ inkunzi
Umbhabhadisi ongeJohane,
Obhabhadise abantu edanyini,
Kanti ungumfundisi yini?
Ungcono umfundisi
Ngoba ubhabhadisa ngezandla.
Siyabonga mfoka Cele,
Ngoba uma bephuma lapho,
Bazinikela enkonzweni!
Shwele, shwele baba
Shwele mfundisi!
Umudli wezinsizwa,
Ezimbili kwaDabhasi,
Enye yakwaMahlobo,
Enye yakwaZwide kaLanga
Kwabadibheni eNtshoweni.
Ugadle kanjani mfokaCele?
Ngoba uvuleke izindlela
Ezibomvu ezitezi phezulu!
Sagqoma sagqakaza
Uyibhomu, uyibhayisikili
UNogadla bethithiza,
Abangakini kwaMandlakazi.
Umbambi wezinkunzana
Ezimbili abazenqenayo.
Khona lapha kwaHlabisa,
Enye kwaMyeni
Emathunzini phansi kwezintaba,
Enye eyakwaJele eSiwohlo,
Akwabandaba zalutho.
Qhamu saka!
Lakhal’ ikhanda kwaNtshangase,
Khona kwabangakithi kwaQunwane
Kwaze kwababaz’ amadoda,
Ezwa ukukhala kwendoda,
Indoda yavuk’ yaqeda
Ukhalo lonke lwakwaMandlakazi Okledeni,
Akwaba ndaba zalutho!
Inkunz’ evale ngodonkana efemini,
Ivalele bona abasekhaya konini
kwaMabaso eNdwedwe,
kwaze kwakhuza uMantshingeyana
“Kahle, kahle sekwanele mfoka Mthabela!”
Naye wafika wangen’ emshinini akwaba ndaba zalutho!
US’dumo sasuka khon’
Ematshen’ amakhulu,
kwaLuhhohho eThekwini.
Inkunzana kaCele
Isidla abakwaNzuza eNtembeni,
Ngisho bona abakwaNozishada kaMaqhoboza,
Uma-black-jeke kaMasipala
Agijima agcwal’ iTheku,
Kanti inkunzana kaCele
Isiphuma ngesamagundana,
Akwaba ndaba zalutho!
UNoginqaginqa umuntu ngesibhakela
EGlebelands phakath’ eHositela
Kubo abakwaNgubane eMabomvini,
UNogadlwa bethithiza,
Nangebhodlela leMainstay
Egadlwa yibo abakwaKhanyile kwelaseNkandla,
Kwaze kwahlephuk’ izinyo.
Ucala lathethwa eNkantolo eG.G
UNogadla nge-okapi,
Khona ebhasini kwaloliwe,
Kwaze kwafa indoda.
Khona kubo kwaZungu eMiyaneni,
USililo wakhalwa abafazi namadoda,
Akwaba ndaba zalutho!
UMashonovana wenkunzi,
UNkunzi kayibekwa emzini,
Zibe mbili ngoba zabulalana.
UNogwaza insansane ekhaleni,
Ungcede akafi zidubulo,
Dlala, dlala noDlalisa!
Njengoba sishilo ukuthi izihasho nensizwa zisuka kuzo izigigaba zayo, ingakho sithola nakuzo ezikaNodlalisa ukuthi cha kwakuyisiqhwaga sensizwa singakucimeleli ukugadla ezinsizweni futhi engasabi lutho. Ingakho noma bemuhasha bathi “UNogadlwa bethithiza, nangebhodlela leMainstay, egadlwa yibo abakwaKhanyile kwelaseNkandla” lokho okusho khona ukuthi cha ubengazinqeni izinsizwa noma ngabe zimkake zingaki yena eyedwa.
Inyosi
Inyosi yesilo umuntu obaluleke kakhulu ebukhosini ngokwehlukana kwabo. Kusuka emlandweni wobukhosi nokubunjwa babo izinyosi izona ebezidlala indima enkulu ekuqopheni umlando ngesikhathi wenzeka ngaso. Izinyosi zihamba nawo amakhosi ngisho kukhona izinselelo ezibhekana nawo amakhosi nokunqoba kwawo kusho yona inyosi ngengingila ibiza izibongo zayo inkosi ngokwenzeka ngaleso sikhathi. Uma kukhulunywa ngomlando wesilo noma inkosi akekho umuntu osuke ewazi ukudlula inyosi yesizwe. Inyosi iwazi njengoba unjalo umlando wesizwe esiholwa inkosi eyengamele. Iyazi ngisho umlando wobukhosi obukade buphethe ngaphambi kokuba kungene inkosi esuke isiyisingethe. Umlando wamakhosi waziwa nje izona izinyosi ezazibubula ngephimbo kuqopheka umlando. Angithi ngisho bekuliwa izimpi inyosi ibihamba nayo inkosi isho okwenzeka khona lapho empini kugcine sekuba umlando oqoshiwe okwenzeka kuleyompi.
Ukunqoba kwenkosi uShaka, izindawo ayezihambela ngisho nezinselelo ayibhekana nazo siwazi ngamagelelo enyosi UMxhamana kaSoshaya wakwaSibisi. Siyazi uNodumehlezi kaMenzi wake wadibana nezinsizwa zakwaGaqa ngoba phela uyasho uMahlase uma ehaya inkondlo yenkosi uShaka ethi:
“Wamudla uMdandalazi ezalwa nguGaqa
Wamudla uMakhelwane ezalwa nguGaqa
Wamudla uNozigaba kaTatho
Wamudla uNkayishana eCwecweni”
Lona wasendulo owaziwa ngisho manje ngenxa yomsebenzi wayo iNyosi yesizwe eyayihaya ngayo inkosi uShaka icosha kwizimo akabhekane nazo kanye nezihlabelelo zakhe. Inyosi iyona ehaya inkosi uma kuyizimbizo, imihlangano kanye nemicimbi emikhulu ethinta isizwe senkosi.