Umlando wokuhlukana kwesizwe sakwa Cele

Isibongo sakaCele singesinye sezibongo ezandile KwaZulu Natali, kunezincazelo ezahlukene ngemvelaphi yabantu bakhona. Sixoxisane noMama uNtombifikile Ngwazi owazalelwa endaweni yaseMzimkhulu esizweni sakwaCele wakhulela khona waze wangena esigabeni sokuthi agane waba nezi ngane eziyishumi nantathu manje sebezinze eThekwini. Basuka ngonyaka ka 1980 endaweni yaseMzimkhulu ngenxa yokuthi kwakuliwa njalo esizweni sakwaCele. Manje sebehlala endaweni yaseMtshebheni eNanda. Uthi umndeni wakwaCele wawumkhulu beneNkosi yabo. Nakhona eMtshebheni baningi abantu bakwaCele bakhelene futhi bahlobene ngokwemvelaphi yabo. Igama leNkosi yesizwe sakwaCele kwakunguManzolwandle Cele. Kuthiwa wasiphatha kahle isizwe kunokuthula. Ngokuhamba kwesikhathi kwaqala kwabakhona ukungezwani ngenxa yokungcola okwenzeka ebukhosini. Kuthiwa kwakukhona intombazane eyayiyinhle esizweni sakwaCele, ngendlela yokuthi uma kuyothezwa noma kuyokhiwa amanzi kwakuthutheleka ngisho izinsizwa zakwezinye izigodi ziyoyishela lentombi . Zonke izinsizwa zazizibika ngobukhulu ubuciko kodwa lutho ukuqoma intombi. Kanti nayo iNkosi iyabubona lobuhle balentombi kwaze kwafika isikhathi lapho iNkosi izibika khona nentombi yayithanda iNkosi. Bathandana kulokhu kuyimfihlo ngoba babesaba isizwe ukuthi sizothini ngoba phela abathandani abantu bandawonye noma izihlobo. Kodwa kwagcina sekuvelile ngoba abantu babesola ukuthi kukhona okushaya amanzi phakathi kweNkosi nentombazane kodwa babuye bangakholwa.

Kwathi uma kuvela lelihlazo iNkosi yafuna ukuyishada lentombi. Yase ibiza abantu abadala ukuze kuqedwe ubuhlobo nentombazane base buyaqedwa ubuhlobo. INkosi yashada nentombazane ngemuva kwalokho yahlukanisa isibongo sakwaCele ngezigodi zazo. Kodwa ngaphambi kokuthi abahlukanise abantu baqala bakhuluma bethi umkhonto ugwaze ekhaya kwaba ukuqala kwesibongo sakwaNgwazi. UNgwazi waqhamuka esibongweni sakwaCele kodwa abantu bakwaNgwazi bayaganana nabakwaCele ngoba izithakazelo kazifani zonke kukhona esisodwa esibahlanganisayo. Inkosi yazihlukanisa izibongo kwabakhona uCele eTholeni, uCele uMkhungo. Kwathi ngobuningi babantu kwaphinde kwahlukaniswa isibongo sakwaNgwazi naso sahlukaniswa kwabakhona uNgwazi kaYiya, uNgwazi wakoBokadisa, noNgwazi eMaweleni.

Izithakazelo zesibongo sakwaNgwazi waseMpuse:UNgwazi kaYiya, Mabuza, Inyoka,UMabuza ngenduku nodukambali.

Inkosi yaphinde yakhipha uMthethwa, okuyisibongo esaziwa kakhulu KwaZulu Natali sona esakha isigodi esisodwa. Kwaphinde kwakhishwa uMdabe, nabo abakha isigodi esisodwa. Isibongo sakwaMdabe sandile endaweni yaseMbumbulu yilapho ababalekela khona ngesikhathi sezimpi. Abantu bakaCele iningi lamasiko abo ancikene nawamaXhosa. Lokhu ukubona kakhulu uma ekhaya kunengane ezelwe, iyagcatshwa ebusweni.

22 thoughts on “Umlando wokuhlukana kwesizwe sakwa Cele”

  1. Cela sizo ngithandana nomzukulu wakwa mkhungo mina ngumshana waka cele kungabe kukhona inkinga or sihlobene ?

    Reply
    • Sawubona, cha akusho ukuthi nihlobene. Izithakazelo nezibongo kwakungama gama abantu basendulo, ziphinde ziveze umlando waleso sibongo. Kwesinye isikhathi izithakazelo ziveza nabantu abake bahlalisana kahle endaweni ethile. Isibonelo abantu bakwaDuma nabantu bakwaDlamini. Uyazithola izithakazelo zakwaDuma kwezakaDlamini kodwa abahlobene ngokwegazi. Babehlala ngandawonye endulo

      Reply
  2. Cela sizo mina ngumshana ka Cele ngithandana nomuntu owumzukulu kamKhungo so inkinga ikhona lapho ngabe sihlobene noma ?

    Reply
    • Sawubona, kuzwakala ingathi ubuhlobo obukude. Singakucebisa ukuba ubheke izithakazelo zakwaCele nakwaKhungo yize izithakazelo ziveza amagama oyisemkhulu, zingavezi ubuhlobo.

      Reply
  3. Mina ngiyabezwa Ozamandosi no Nathi Cele bakhuluma ngomlando wobukhosi base mawuleni ka mabhojane ayi ka Cele wonke konke kunjengoba becaza Bantu bakithi ningalahleki Lona akuwona umlando wa ma Cele owase Mawuleni kwa Cele Nicholas Mbutho wokuzalwa endaweni base Mawuleni

    Reply
  4. Ma Cele isibongo sakwa Cele asisincane so kufuneka Ku fomeke I group ezokwazi kuthi sicobelelane ngokudabuka kwethu mina ngake ngezwa kuthi imvelaphi yabantu bakwa Cele idabuka E Mozambique sekukhona futhi asebeke baya esigodlweni noma ngezwanga babuya Nani ok ke Ake ngikhuluma ngodaba le Nkosi U Manzolwandle uManzolwandle kwakungebona ubukhosi obakhe ngesimo sokuthi weyi gagu umnewabo wabunika yena nongabuphathanga kahle neze ngokuthi kuze kwenzeke lokuthi ama Cele alale wodwa Cha thina asihlangani Naka Ncane Nama Xhosa noma ke nayiphi inhlobo la kwa Zulu sizimele nje kodwa sincike kakhulu kuZulu kuyena ophethe Ikwa Zulu muthi uyabuka inkosi Shaka yatshalwa emzini we Nkosi U Mande Kwa Dukuza lendawo ese Mandeni indawo. Yakithi izi iyazisho ise Mandeni ekuhambeni size sifike south coast ama Cele ahlukana amanye ashona eMfangisale ayeholwa Gxabhashe kwahamba babuyela eNgonyameni so okhethabahle aBantu bayizolo abazange babe nobukhosi kodwa babengaba nomzane bezigceme mina ngiyinzalo ka Khunyane khona st Faith’s ezigodini sasiphongolo isigceme Kwa Khunyane so into funeka la kuthi sisukaphi.
    Kuze kufike ko Manzolwandle sifike kanjani ngoba Naye udume nge thalente lakhe alenza ukuthi imikhonto igwaze ekhaya kuze kuphume izibongo ezinjengo Ngwazi,Mdabe,Mbutho,Mkhungo,Qumbisa,Mvuyane
    Kodwa abakwa Cele abanye abanga Manazaretha sebayinikelela Inkosi Manzolwandle yaphuma futhi la eboshwe khona emaZulwini noma isathetha amacala
    Ongitholayo sicobelelane ngolwazi esilwaziyo angangithinta la 0739009484

    Reply
    • Cela kubuza ngithandana nomzukulu waka mkhungo mina ngu mshana ka cele kungabe sihlobene or ikhona inkinga?

      Reply
  5. MaNdosi

    Ngiyajabula kakhulu ukubona izindlu zakwethu ko Dubandlela zizihlupha ngomlando wesizwe sakithi. Mina ngingu Edmund James Linda Cele, ngizalwa u Baba ongasekho uElijah Edmund Mdlulelwa Cele, Ezalwa uMkhulu uMoses Silima Cele, ezalwa u Sindweni Cele. Ngokudabuka sizalwa eMzumbe endaweni yase Fairview, lapho ukhokho wethu uSindweni afika wazinza khona, ebe yena edabuka KwaZulu emva kwezikhathi zezimpi zombango owasuka emva kukukhothama kweLembe, izizwe ezaziphethe umbuso kanye NeLembe okuyibo oCele noMthethwa nabaye bedungwa iNkosi uDingane. Umlando wethu usitshela ukuthi lesisikhathi sasingeminyaka yawo 1830 kuza ko 1840. Bese umlando osuka ngaphambili ezikathin zawo Cele uze njalo ngoNdosi, Nombendu, Nqungu,Maganga,Nqumela, Sodi, Zwana, Langa, Mkhokheleli, kuze kube uDubandlela ozala oMdintsilwa, Vico, Sotukuza. Bese uVico azale uMntungwana, uMagaye, uCabangwayo kanye noMande, kanye nezindlu zabo ngokwahlukana kwazo, uqopheke kahle. Ziningi izindlu nezizukulwane eziphuma kulemikhakha, kuyobanzima ukuthi ngizibale zonke ngezinhlu zazo. Lapho ngibabele khona mina isizulwane sika Sindweni, ukuthola ulwazi kinina zindlu zakithi ezinye ukuthi Usindweni lona wayezalwa ngubani ngoba ekulandeleni umlando nokuzinza kwakje endaweni yase Mzumbe kuyinkomba yokuthi wafika ehamba nendlu yakaCabangwayo ozala uManzolwandle obuse endaweni yaseMzumbe, walandelwa uJunova, Umgamule noMabhojane. Kanti futhi uMabhojane ukhonjwa ekuthatheni ubukhosi buka Magidigidi ophuma endlini kaMagaye ngqo, futhi uma ngibheka isikhathi sika Magigididi asiqondani nesikaMabhojane, futhi baphuma ezindlini ezahlukene. Ngakhoke ngicela incazelo kwabaziyo ukuthi Usindweni uzalwa nguCabangwayo noma Umagaye na? Noma mhlambe laba kwakungabafowabo behambisana noMntungwana noMande na? Ngicela niwuhlabe niwulawule maNdosi, sizama ukuqopha umlando wendlu kaSindweni.

    Yimi ozithobayo

    Regards

    E.J.L. Cele, Pr Tech Eng, MSAIEE

    Reply
    • u Sindweni Uphuma Endlini ka Khokho u Mabhojane Kayise.
      “UDUBANDLELA ISIHHAWU HHAWU SIYADLA SIYAVUNGAMA SIKHALELA IZINKOMO ZAMADODA USHINGA BENO SHENGE BAYEYISANA ISIHLWATHIKA ESINGAHAMBI NGANDLELA UKUBE SAHAMBA NGENDLELA NGAPHANE KONAKELE AMANZI ASEMZIMAYE AYANGIKHOHLISA AYEHLA AYENYUKA IMBABAZANE EYADLA AMADODA YAWADLA NASE MASENDENI.U VICO AGEZANGA WABUYA NESILA EFULENI WATHI PHINDE NDOSI NGEKE NGIGEZE EFULENI NGOBA ITILA YAM I TOWMUKA NAMATI WAGEZA NGEL’SAKABULU.
      YATHI ISADLA EZINYE YADLA EZINYE.

      NGIXOLISE KA YISE NGOKUNGAMBALI U DUBANDLELA.

      SHWELE WENA WEMANTSHI

      Reply
  6. Nanku thina umlando wakwaCele esiwaziyo.

    Kwaqala ku jojo ujojo uzala umabhojana.
    Laphayana bafika beyishaqa lamacele behamba ngokuhlonipha. Kwathe ujojo mengabe esekhathala ngoba kwakunguyena owayesemdala. Wabe esenikeza umagidigidi ukuthi akube uyena ophatha umndeni. Ngoba babehloniphana. Kodwa umagadigidi wayengasiyona inkosana emndenini wayengowase ndlini encane. Waphathake umagidigidi ephatha umndeni. Mabexabana kube uye obaxazululayo.

    Ngaleso sikhathi amakhosi aye ngaka bhaliswa enkantolo kuthe kusenjalo kwafika isikhathi sokuthi amakhosi abhaliswe enkantolo. Umagidigidi kwakukade induna yakhe kungumabhojane. Uthe esesuka umagidigidi wabe esevakasha phesheya emzimkhulu(ezingolweni)

    Wathi”Nduna ngishiya wena lana ngisaya kovasha” esho kuMabhojane. Wahamba kwaphela izinyanga engabuyi. Kwaze kwafika isikhathi sokuthi amakhosi ayadingeka enkantolo. Ukuthi ayobhalisa kwabese kufika umlungu owayesithunywa senkantolo eza enkosini ephethe leso sizwe ngaleso sikhathi. Wafikela kuMabhojane owayengu Nduna Nkulu.

    Wathi umlungu “Mabhojane manje amakhosi aseyo bhaliswa enkantolo.” Wathi umabhojane “mina angiyona inkosi,Inkosi isaye kovakasha phesheya ” umlungu athi “ngize enkosini lana ngoba kukhona udaba oluqondene nayo oluvela enkantolo, ngingayitbola kanjani”? Wabe eseyamyalela.

    Wahamba umlungu wayojika e sayithi wabese eyofika ezingolweni. Umlungu wafika wabuza umuntu ongumagidigidi wakhonjiswa kwathiwa nanguya umuzi wakhe.
    Wathi umlungu” Magidigidi ngize kuwe ngithunywe inkantolo sengibuya phesheya ezweni lakho. Bathi amakhosike manje Ayabhaliswa khona ezohola”

    UMagidigidi waphendula umlungu wathi “Mina phesheya angisaphindi, sengihleli la ngakhile konke oyofika ukukhule phesheya akusangidingi usuyofike ukukhulume nonduna Nkulu Umabhojane.”
    Waphinda umlungu wabuyela phesheya wabe esethi “inkosi ithi ayisabuyi la yonke into iyishiya kumabhojane.” Waqala laphoke umbango wabo umabhojane no Zibula.

    Babanga beno zulu waze wabuwina ubukhosi umabhojane ehlula uzibula ebuwina enkantolo emzinto.
    Wabuwina kanje:-

    Wathe umlungu esenquma icala wababiza bobabili wathi izandla zabo bobabili abazibeke etafuleni..esaMabhojane isandla sasimhlophe sakhaladi esazibula sasingemhlophe kahle. Uthi umlunguke namhlanje icala ngiyaliqeda”niyabonake isandla sobukhosi ilesi, ekhomba isadla esikamabhojane, wena zibula isandla sakho asibufanele ubukhosi ngoba asifani nalesi”
    Wabuwina kanjaloke umabhojane ubukhosi.

    Waba inkosi.yokuqala kwaCele.

    Uthe uma esekhothama umabhojana wayezele Oyedwa umfana endlunkulu. Wadlulake ujuwini emhlabeni engaphathanga. Ujuwini inkosana kamabhojane ujuwini wadlula kuqala emhlabeni kunenkosi uMabhojane.
    Kwafunaniseka ukuthi manje ubukhosi bajuwini sebufile endlunkulu. Ugogo omdala umaBhengu wabe esethi “kumele indlunkulu ivuswe” wabe esethike ukhokho umabhojane Esaphila “ifanelwe ukuvuswa” wathi kufanele kuqoqwe umndeni. Kwabe sekuhlatshwa izimbuzi kwaqoqwa umndeni. Ukhokho wayenamakhosikazi ayishumi nesishagalolunye -19 kwabe sekubizwa umndeni wakhona waphelela kuhlatshiwe kuyovuswa indlunkulu. Ugogo umangongoma wayeyinkosikazi yokugcina.

    Sekuzovuswa indlu enkulu ngoba ifile wasukuma ugogo omkhulu unkosikazi omdala umaka Juwini. Watshela umndeni.lezindaba “indlu enkulu ifile manje kufuneka kukhethwe omunye ugogo ozovusa umndeni, ozovusa ujuwini manje ngibona ukuthi umangongoma kufanele asuke ezansi endlini encane akhuphuke aye endlini enkulu lapha KaJuwini ngoba uzele kahle uzele abafana abane. Uzele UNomnayi,wazala u Sayndaag, wazala UMcelelwa wazala u Dube. Wasukake umangongoma waya endlini enkulu.ukuyoyivusa.

    Kuthe mase kukhothama inkosi UMabhojane
    Sekufuneka u Nomnayi athathe Ubukhosi kwathiwa thathake nomnayi indawo yakho nGoba uwen indlalifa kaMabhojane. Wathi unomnayi ngeke ngiyithathe ngoba umfwethu wayesezele. Ezele UMgamune.

    Akesiyidedele ingane iphathe siyibone ukuthi izokwenzenjani. Bathike wena nomnayi ibambele wathi ngeke ngiyibambele ngoba ubukhosi obami. Kufanele kufakwe umuntu wangaphandle okuyothi mase kuthiwa akasuke Kube lula. Mina obami ubukhosi ngeke kube lula mase kuthiwa angiphume.
    Kwabeseku bamba usiGcwawu ozalwa umabhojana endlini encane. Wakhula uMgamune washadelwa wabe eseba inkosi.
    Uthe esuka lapho umgamune wazala endlunkulu kaMangwazini wazala intombazane. Ezingolweni pheshaya wazala umfana UManzolwandle emuzala entombini. Eyayisinengane kwenye indawo endlunkulu kamagwazini sekuzelwe Umfana UFayo. Ezalwa Usilahla engenweni. Usilahla umfowabo ka Mgamune. Umbango waqala.laphoke kuthiwa inkosi uManzolwandle Baphika abanye bathi umanzolwandle uzalwa ezihlahleni Ufayo Inkosi ngoba Uzalwa endlini enkulu. Abanye bathi ngeke ufayo abe inkosi ngoba uzalwa ingeno. Waqala laphoke umbango.
    Kwathiwake umazolwandle uyena okufanele abe inkosi ngoba uhlobene kahleyena Ne Nkosi.

    Ufayo abumufanele ubukhosi ngoba yena uhlobene nonina. Kwathiwake umanzolwandle akaganwe ngezinkomo zenkosazane yenkosi umgamune. Ogama layo kwakungu Ntanazane. Wabe eseganwake ngezinkomo.zayo inkosazane waganwa uManzama, khona ezozala umfana ozovusa indlunkulu kaMangwazini.
    KaMamvase ayikho inkosi ayikaze ibekhona. Iinkosi ikamasondo bandla ifa lakwamangwazini balidlela lapho bungekho khona ubukhosi. Ubukhosi sebubehlulile ifa lakwenye indlu alidlelwa kwenye indlu. Okukuthi njengamanje UKhanyile Ozalwa umanzolwandle ezalelwa ukuvusa indlu kaMangwazini uye obusa isizwe samacele eMawuleni – ehlala nkosi.lesizwe samacele UKhanyile akayona inkosi yakwaMamvelase uyinkosi yakwaMangwazini. Ukhanyile akaze afake ngisho ibhodlela lamafutha kwaMangwazini. Udlela kwamamvelase. Kufuna Ukhanyile ngoba usehlulekile ubukhosi iminyaka Engama shumi amabili nesikhombisa-27. Abuyisele izinkomo.zalwaMangwazini Ahlale phansi.
    Kwakuthiwe umangabe sebehluleka Buzophinda endlunkulu ngoba nase nganeni yakhe ukhanyile abuyi ubukhosi. Njengoba esehlulekile nje nengane yakhe Iyoba njalo. Indlunkulu nomndeni ibona esebeyobona ukuthi ubani abayomkhetha.

    AbakwaMthethwa abaphumi.kwaCele Ithina Macele esaphuma KwaMthethwa. UMTHETHWA ezale amadodana amabili uMande no Magaye. Uthe uma esaba ifalakhe umthethwa wabela uMande owayeyinkosana ukuze aganwe wabe eseqhamuka lo.ka Nkosikazi omncane Okwakungu magaye wabesethi baba umabela kanjani.umfethu engabe namo.uyangabela wabe esethi umthethwa ngizogcina ngawe phela ngoba Ungowasendlini encane. Abese ebuza amadoda ukuthi kanti mthethwa awuhlalanga yini nomndeni wakho. Abe esethi amadodake Mthethwa phindela emuva uyokhuluma nomndeni wakho. Wabe esebuyake umthethwa Namadodana akhe Namadoda kwahlalwa Phansi. Wabe eseqhubekake wathi ayi sengibuyile wabe esabela Umpande ifa.lakhe wabe esebuyake eza kuMagaye ngokuzicelela kwakhe ifa wabe esemabelake naye Umagaye njengokuzicelela kwakhe ifa. Ngokuzicelela kwakho ke ifa Nayi indawo yakho Hambake Ufike Wakho khona ebese uba uCele wena ngoba uyazicelela ifa.

    Asiyazi indaba yentombazane yakwacele eyagana umanzolwandle.

    Lona obhale lana UZamandosi Cele u Sizakele Cele U Fundiswa cele U Amanda Cele No Bhuti wethu Omdala U Nathi Cele ozalwa uMabululu. U Zamandosi.u Fundiswa u Amanda bazalwa UNtshofo Udibhadibha umtaka stowuli ozalwa uMcelelwa Umcelelwa ka Mabhojana.

    Sike Mgababa lasikhona njengamanje. Thintana nathi ku Zamamagaye@gmail.com ngolwazi.olugcwele.

    #Awaphile_ama_Cele

    Reply
    • Nina bakwaCele! Uyabongeka lomsebenzi omuhle kangaka wokwazisa ngomlando wesibongo sakwaCele, cishe baningi abazosizakala. Sesixoxa nje ezinye – Kulenkundla sesinengosi entsha sha! Lengosi izeka konke okumayelana nokwelapha ngokwesintu. Siqale ngesonto eledlule sakuthi phohlo ngesihloko sokuqala sokwendlalela, bheka lapha: https://iafrika.org/abelaphi-ngokuhlukana-kwabo/ Ezinsukwini ezingengaki sizokunika ulwazi olunzulu mayelana nokwelapha ukuphathwa yisisu, step by step.

      Reply
    • Mina ngumshana kaCele, uKhokho uSom’bese ozalwa uMabhojane khona la esgodini esphethw iNkosi uKhanyile… Ngfisa uk’xhumana noNathi Cele ozalwa uMabululu, kunesakhiwo abasishiya la ngasekhaya esihle kakhulu ekthiwa esikaYise wakhe uMabululu, manje lendawo sekweyakithi sifisa ukdiliza lesisakhiwo ngoba asinakiwe.

      Reply
    • Lomlando awukho straight abantu bakwaCele abazalwa kaMthethwa babebuswa khona bafikela kamthethwa uma befika kwelaka Zulu manje izwe, u Cele uzalwa uLanga ucele wazala….. kube khona umkhokheli owazala uDubandlela uzalana I Nkosana u Magaye elanywa u Mande, uMagididi umzukulu ka Magaye uMabhojane umzukulwane wase endlini encane ka Mande manzolwandle owasendlunkulu ka Magaye kumanje inkosi yase ndlunkulu amacele wonke jikelele isemampondweni emzini ka manzolwandle, enye indlu yakhona ebusini bakwa Cele isegumatane bezalwa uMcazi ngiye a lapho

      Reply
  7. Ay bakithi kasiwazi thina lomlando ongena sisekelo kangaka. Uphi uMagaye la? Uphi uMande la? Uphi uVico noDubandlela. Ubantu bakwaCele babakhe eMandlanzini, bafuduka baya kwaDukuza abanye bathutheleka bafika eMzumbe. Manje ibaphi laba asebeseMzimkhulu abancikene namaXhosa?? Kahlen bakithi. Isiphi sona lesbongo sakwaNgwazi esingambali uGcumisa ngoba phela abakwaNgwazi bangaphansi kwesizwe sakwaGcumisa. Naba laphaya kwaSwayimane inkosi yabo ilapho. Ay anibuzeni ukuthi loCele enikhuluma ngaye la kusenguye yini uNkom’sengwilele. Kuse wuye yini uVico??? Ngoba lomlando shame kasiwazi akunamagama abantu kuvane kuthiwe kwakunenkosi thizeni. Ay suka!

    Reply
    • Umlando wethu bakwa Cele udinga amakhehla akithi nezazimlando ezingschemi nendlu ethize,ngiyacabanga Uma singayowufuna eMadlanzini naseMhlali lapho amathambo abanikazi besibongo sethu elele khona kungasisiza ngoba engikuqaphelayo manje kuningi okuhlanekezelwayo.Mina ngyafisa siwulande umlando wakithi ngikwazi oluvela kwabakithi hhayi nje izifundiswa ngoba zizosilahla.

      Ngyawuzwa umlando kadadewethu uZamaNdosi kodwa unokungidida ngoba uwunaye uDubandlela,angimuzwa futhi ebhala ngo Ndosi njengoba engu ZamaNdosi,dadewethu uDubandlela wazala uVico ongabusanga yilapho kwaze kwathiwa uVico kagezanga way’emfuleni wabuya nensila ngob’ethembe ukugeza ngobisi(wayezoba yinkosi kepha ngokukhula kakhulu kukakhokho uDubandlela wagcina engabusanga uVico waze wakhothama )

      Amakhosi akithi ngifisa ke ahlangane nje ewodwa asinikeze umlando oqondile, phela angeke aba amakhosi engawazi umlando wakithi.Mina iyangikhathaza kakhulu indaba yokungazazi ukuthi ngingubani ngoba thina side Harding esizweni sakwaJali angyitholi incazelo yokuthi safika kanjani khona sesandile impela nje.

      Babodwa abathi sasivela eZingolweni abanye bathi sasivela eHighflats manje asiwazi ngempela umlando wethu kokhokho nje abaseduze uMagidigidi engimuzwayo ngiyacela konolwazi olunqala asichasisele nathi ngesibongo zakithi nangokufika kwethu kwelase Harding nokuthi ubani lendoda yakwaCele igama layo eyabuyela oNgoye.

      Yimina UNtokozo kaMngeniswa kaZifunele kaMunyu kaMathumbu Cele ngiyacela onolwazi ngesibongo sakithi angidlulisele kulelikheli cncele5@gmail.com

      Reply
      • Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukuthi sikuqonde ukuthi njengoba isibongo sakithi sisikhulu nje, sinezindlu eziningi. Manje lowo nalowo ke oxoxa umlando, uzoxoxa ngesayidi lendlu yakwabo njengoba udadewethu enzile nje ngasenhla. Mina nje ngingowendlu kaKhethabahle kaMandiza laphaya eST Faiths esigodini sasoPhongolo. Kuyadingeka ke ukuthi sithi masiwuxoxa umlando siwuqale emuva ukwenzela ukuze usinike imvelaphi yethu bese wehla ke uze ezindlini ngokwehlukana kwazo. Maningi amakhosi akithi engicabanga ukuthi angelekelela kulokhu

        Reply
        • Dubandlela uyibeke kahle mawbeka ukuthi Njoba siyizizukulwane Esincane umlando wethu siwazi ngokwezindlu zethu. Buyeke inkosi Yasesigodini sethu izithele ngobandayo impela ngoba Okuningi Sikubamba lapha nalaphaya

          Reply
      • Kungasilekelela ukuthi sithole i aproval from the family before we post such. Because umlando is very important kuthina sonke , kuynkinga ukushicilela ngaphandle kwesibusiso somndeni. Okuningi okubhalwe la siyakweshwama maCele akucace lokho.
        The point i am making is that umlando kufanele ubhalwe umndeni ngokuvumelana and not ama individuals.

        Reply

Leave a Reply