Izithakazelo zakwaCele

Ndosi,
Nombedu,
Khumbuza,
Nkomo kayivuswa,
Nkom’ isengw’ ilele,
Wayisenga imile iyakhahlela,
Siqunga esihle esingahlalwa nyoni,
Siqunga esizalela amasakabula
Mkhokheleli owakhokhela isizwe ekugqilazweni,
Dubandlela,
Vico akagezanga,
Obuye nensil’ emfuleni,
Ngob’ ethemb’ ukugeza ngobisi,
Magaye,
Magaye ongangolwandle!

Leave a Reply