Umlando wakwa Mvelase Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Engosini yokuqala sikuvezile ukuthi uMthembu noMvelase badla sitshesinye, kulelikhasi ke khona sigxila endlini encane okungeyakwa Mvelase. AbakwaMvelase batholakala ngobuningi enhla nesifunda sakwaZulu lapho sisho eMnambithi kanye nako Msinga. Umuntu okhunjulwa kakhulu ekubuseni kwabakwa Mvelase eMnambithi uNgoza, yena owayebusa ngesikhathi kubusa iSilo iLemb’ eleq’ amanye amalembe ngokukhalipha, iSilo uShaka kaSenzangakhona. UNgoza UNgoza ke kwakuyinkunzi ebhonga yodwa … Read more

Umlando wakwa Mthembu Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma silandela umlando wabantu bakwaMthembu sithola ukuthi bahlukene kabili. Kukhona laba abasebenzisa isibongo sakwaMthembu ngokuqondile nje, bese kuba khona abasebenzisa lesi sakwa Mvelase, kodwa bobabili bayigazi elilodwa ngokomlando. Umehluko nje ukuthi kukhona indlu encane okungu Mvelase bese enkulu kuba uMthembu. Ngokomlando sithola ukuthi uMthembu uzalwa nguNtongakazi okuwukuthi basondelene namaNtungwa. Abantu bakwaMthembu bangaphansi kwesizwe samaNguni, okuyiqoqo … Read more

Izithakazelo zakwa Mthembu Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Mthembu, Mvelase, Qhudeni, Owavel’ eNyandeni yemikhonto yakwaMabaso, Mvelase kaGuda, Ongawadl’ amathibani, Angadl’ amathibani indlala ngabe iwile, Mnisi wemvula ilanga libalele, Ngoz’ ovel’ eNyandeni, Ngoza kaMkhubukeli, kaGazi, Nina baseMlamlankunzi!