Umlando wakwa Qwabe

Imvelaphi kaQwabe Siyazi nokho ukuthi sekwaba khona izibongo ezizimele nje ezingoGumede kodwa lapha kwaQwabe kwaku yisithakazelo sakhona, kusukela ekutheni: “Wena weguma elide.” Phela uQwabe wabe engowaseNdlunkulu yaseBukhosini okhokho bakhe bavela esendeni likaNtu iNgonyama eyayibusa amaZulu engakasuki eNkabazwe yezwekazi i-Afrika. INgonyama uNtu yazala uMnguni yena owazala uLuzumane, uLuzumane wazala uMalandela. Umuzi kaMalandela omkhulu wabe ukwaNkomonye lapho … Read more

Umlando wesibongo sakwa Qwabe

Isibongo sakwaQwabe sivela egameni lenye yamadodana kaMalandela, uQwabe. UQwabe wayelanywa nguZulu okwenza imilando yabo ifane. Njengazo zonke izelamani kwaba khona ukungaboni ngaso linye ngokubhekwa kwemfuyo yasekhaya ngoba uQwabe wayekhonze kakhulu ukuzingela engenaso isikhathi sokubheka imfuyo nezinye izinto zomndeni, okwenza ukuthi izinto eziningi zomndeni zenziwe nguZulu owayemncane kunoQwabe. Ngenxa yalokhu uQwabe ushiyile ekhaya waya kozakhela umuzi … Read more