Umlando Wokuhlukana Kwabantu bakwa Nzama noChamane

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Sibe nengxoxo noMama Nomusa Maphumulo ohlala endaweni yaseNanda eCongo. Uzalwa intombi yakwaNzama, usixoxele ngokuhlukana kwesibongo sakwaNzama noChamani. Ezikhathini zakudala kwakuvamise ukuthi kube nempi yezigodi okwakwenzeka kuliwe ngoba kubangwa ubukhosi kanye nabantu. Naliphi inqadi laliba nezinsizwa ezikhethelwa impi ekuyothi mhla impi iyohlangana zikhishwe izinsizwa ukuyolwa. Izingane nomama babesala emakhaya bazilungisele ukucasha uma sihlulwa isigodi sabo. Uma … Read more

Umlando wakwa Nzama

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Abantu bakwa Nzama kusengabantu bakwa Wosiyane. Imvelaphi yabo ikwaNgcobo, bahlobene nabantu bakwaDube, Nyusa kanye namaQadi. UNgcobo noMkheshane bazalwa nguVumezitha wakwaNyuswa bahlobene futhi nabantu bakwaShangase. Abantu bakwaNzama Wosiyane baningi eMvoti. Ake selamanise amakhosi akwaWosiyane ngoba isibongo nesibongo umlando waso ulandeleka ngamakhosi aso. Amakhosi ahamba kanje: Nzama, Manjanja, Khumalo (kodwa hhayi Mntungwa), Mvakela, Mashiza, Ngombane, Mvakwendlu, Tshani … Read more

Izithakazelo zakwa Nzama Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Wosiyane, Gcugcwa, Mashiza, Dingila, Mkhandi wensimbi, Nina enidume ngokugcagca insimbi amanye amakhosi edume ngesithembu, Wena owawela ngelibanzi kwasala izindondo zacoshwa abafokazane, Nina bakwamfazi kashaywa ngemvubu kodwa ushaywa ngombhombolo wesidwaba, Zukula kaNombhoco, Gcugcwa kaNcameni, Ncameni kaNozaca, Nina baseNtendeni! Nawu umlando wakwaNzama.