Izithakazelo zakwa Nzama Clan Names

Wosiyane,
Gcugcwa,
Mashiza, Dingila,
Mkhandi wensimbi,
Nina enidume ngokugcagca insimbi amanye amakhosi edume ngesithembu,
Wena owawela ngelibanzi kwasala izindondo zacoshwa abafokazane,
Nina bakwamfazi kashaywa ngemvubu kodwa ushaywa ngombhombolo wesidwaba,
Zukula kaNombhoco,
Gcugcwa kaNcameni,
Ncameni kaNozaca,
Nina baseNtendeni!

14 thoughts on “Izithakazelo zakwa Nzama Clan Names”

  1. Sanibona, ngesbongo ngowaka Zama, manje bengifisa ukwazi ukuthi engabe umehluko phakathi kwesibongo sakwa Zama nesakwa Nzama

    Reply
  2. Ngiphuphe ugogo wami ,umama ozala ubaba ongasekho…aphakathi ebhokisini athi ucela simyeke aphumule ukhathele ufuna ukuphumula ,cede ngabona amanzi amvala ngaphakathi ebhokisini ,kusho ukuthini lokho.

    Reply
  3. Wosiyane
    Mashiza
    Mvakela

    Gcugcwa ngesibindi nangokukhanda insimbi
    Chube

    Nina enabona isihlakothi simuka nomfula nasigxumela nithi inyama
    Mkhandi wensimbi

    Manjanja
    Mkhonto

    Nina baseNtendeni

    Reply
  4. Thanks a lot i am proud to be nzama ngiyabonģa ķaķhulu but bengifisa angathi amawosiyane angeza ngala emzimkulu ngase xopo harr gwala region sayaĺundinga lolu lwazi

    Reply

Leave a Reply