Umlando wakwa Zwane Clan Names

Abantu bakwaZwane babizwa ngokuthi ngamaNgwe, bangamaNtungwa-Ntuli futhi badabuka enhla neAfrica eMangweni. Iningi labo litholakala eHlobane ngaseFilidi, eMtshezi, eMnambithi, ezintabeni zoKhahlamba nakwezinye izingxenye zesifundazwe saKwaZulu-Natal. UZwane uqhamuka ebukhosini baMangwe, isibongo sakwaZwane sisukela egameni lakhe.  UZwane UZwane wazala uMungwe, uMungwe wazala uPhikelela, uPhikelela yena wazala uNsele owabe eyinkosana yakhe kanye noVezi. UNsele wathatha ubukhosi ngemuva kukayise uPhikelela. … Read more

Izithakazelo zakwa Zwane Clan Names

Ntsele kaLindaMkhonto, Mthanti!
Nduna ngokuthwalisala sentsele
UNtselakangakanani
Ngoba nasothini lomkhontangahlala
Nineniphakelumyenodengeleni
Ngoba ningabeNkosi
Zikode kaNdabantsele
Wena kaMafu
Kalinganophansi nophezulu
Mangethe!
Mtungwa oluhlaza
Nina bakwaMngunikazi ngilinde
Ngiyothathezami
Nina bakwaMfazoshayabafnekwaluseni
Ngingakaze ngimbonolokotha lesosenzo
Magugu kaNtsele
Mpisethathamathole
Mthamiya sicongo
Nina bakaVezi
Owadlisihlahla njengengwababana
Mbulazi waseNtseleni
Odlumuntemyenga ngendaba
Nina bakwaQhina ladla liguqile
Phansi kwetshe laseTshenteka
Dlula kulendawo!

Read more