Izithakazelo zakwa Cele Clan Names

Ndosi, Nombedu, Khumbuza, Nkomo kayivuswa, Nkom’ isengw’ ilele, Wayisenga imile iyakhahlela, Siqunga esihle esingahlalwa nyoni, Siqunga esizalela amasakabula Mkhokheleli owakhokhela isizwe ekugqilazweni, Dubandlela, Vico akagezanga, Obuye nensil’ emfuleni, Ngob’ ethemb’ ukugeza ngobisi, Magaye, Magaye ongangolwandle!

Umlando wokuhlukana kwesizwe sakwa Cele

Isibongo sakaCele singesinye sezibongo ezandile KwaZulu Natali, kunezincazelo ezahlukene ngemvelaphi yabantu bakhona. Sixoxisane noMama uNtombifikile Ngwazi owazalelwa endaweni yaseMzimkhulu esizweni sakwaCele wakhulela khona waze wangena esigabeni sokuthi agane waba nezi ngane eziyishumi nantathu manje sebezinze eThekwini. Basuka ngonyaka ka 1980 endaweni yaseMzimkhulu ngenxa yokuthi kwakuliwa njalo esizweni sakwaCele. Manje sebehlala endaweni yaseMtshebheni eNanda. Uthi umndeni … Read more