Izithakazelo zakwa Masondo Clan Names
Nyambose!Mthethwa!Dingiswayo!Donga dilika,Mathangana amahle afanele ukwenziwa.Masondo,Nina enalandela amasondo ezinyamazane.Nina eniphuza amanzi emichachazweni.
Nyambose!Mthethwa!Dingiswayo!Donga dilika,Mathangana amahle afanele ukwenziwa.Masondo,Nina enalandela amasondo ezinyamazane.Nina eniphuza amanzi emichachazweni.
Dingiswayo,Nyambose,Magaga onsibansiba,Mfolozi emnyama inketha baweli nabawelayo bayayiqokelela,Nina bakwanhlamba kangicelani ngoba angiceli lutho lomuntu,Wena okaLugagane oluhlabangaphi ngoba phela lumhlaba ngale,Thulisa kuyozwakala,Nkonyane yenkosi,Hlangalezwe,Nina baka Xaba kaMadangu,KaNkomo enenekazi,izothandandana nayiphi na?Izothandana neyakithi Eyengweni,Khubaze, Jobe kaKhali,Magezang’ obisi lwenhlu abanye begeza ngamanzi,Amabekankosi,Nzimezimnyama,Nina bakaGeza kaJakada,Maphoswa kubusa,Nina basezansi,Mazila Mbolwane!