Dingiswayo,
Nyambose,
Magaga onsibansiba,
Mfolozi emnyama inketha baweli nabawelayo bayayiqokelela,
Nina bakwanhlamba kangicelani ngoba angiceli lutho lomuntu,
Wena okaLugagane oluhlabangaphi ngoba phela lumhlaba ngale,
Thulisa kuyozwakala,
Nkonyane yenkosi,
Hlangalezwe,
Nina baka Xaba kaMadangu,
KaNkomo enenekazi,izothandandana nayiphi na?
Izothandana neyakithi Eyengweni,
Khubaze, Jobe kaKhali,
Magezang’ obisi lwenhlu abanye begeza ngamanzi,
Amabekankosi,
Nzimezimnyama,
Nina bakaGeza kaJakada,
Maphoswa kubusa,
Nina basezansi,
Mazila Mbolwane!
Hi adm u philasande mthethwa lona kuyangijabulisa engikuthole lapha ngaphakathi ngazizwangisekhaya,bengifisa ukuthola la kujakada ukuthi yena udlale yiphi indima yena nokho abanye ngyabazi izindima zabo abazidlalile,nokuthi asiqinisekise ukuthi umthetwa umzulu ngoba nginenkinga yokuthi abanye bezihlobo zami bathi ba amaswazi or ndebele or so, ya kuyazeka ukuthi abathethwa abasuka kuqala nama tsonga e central afrika bathi ukuhla eswatini kolibombo mountains then bashuka bathi cababa enkandla kwazulu la bakha khona lomlando esesiwazi manje,manje mina angazi noma ngyphaphalaza yini uma ngibaphikisa ngoba nakho ngimi nangazo izithakazelo lezi ziyazichaza ukuthi uwuthethwa uwubani cha angibonge mina admi.
Wow
nikhohlwe u ”SOMBANGELA ”
Yithinake onyambose abahle labor💋
Yebo😍😎Olugagane luhlaba Ngaphi
Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi!
Sanibonani mina ngiwu Dingiswayo isbongo Kodwa kutholakala sengathi nguMxhosa
Yebo bakhona oDingiswayo bamaHlubi, lapho uDingiswayo(uGodongwane Mthethwa) wafike wakhombisa khona amandla akhe, wabulala ingwe eyayibahlupha idla imfuyo yabo. inkosi yamahlubi yabe seyetha indodana yayo ngo Dingiswayo.
Ngsacela ukbuza uMthethwa uyaganiselana yini noMasondo if kungenzeki ayikho yini indlela yokugeza ubuhlobo ethile ukuze baganane
Ubuhlobo bujwayelwe ukugezwa ngempahla emhlophe (inkomo).
Lutho Buhle uMthethwa akathathi koMasondo ngoba bangumndeni nqo oMasondo isizwe esiphuma kwaMthethwa yikho thina oMthethwa asithakazeleli NG Masondo kodwa bona bathakazelela ngoMthethwa.
uMthethwa akaganiselani noMasondo. AbakwaMasondo bangabathethwa nje qondile. kungabantu bakwaMthethwa abalandela amasondo enyamazane
Sanibonani bo Dingiswayo ngicela ningisize ngehubo lakhithi kwaMthethwa angilazi. Ngiyabonga
Ngicela usizo, ngingo wakwaMthethwa kodwa asizazi siphumaphi umkhulu wathi ubaba nomkhulu wake u Dakwa no Myayiza. Uma kukhona onomlando ofana nawo lona ngisacela uziveze sifuna nje ukwazi imvelaphi yethu
Nami ukhokho wami Umyayiza. Ngicela sithintane Dingiswayo
Please email me Nyambose.ca@gmail.com. My grandfather is a son of Myayiza.
UBongani Mthethwa
OAuntie bami bangitshela ukuthi umfowabo kamkhulu wetsuit uMagiya wanenomfowabo okwakuthiwa uDakwa. Babesuka kwesikaMthethwa eMpangeni behamba no abs Waco omkhulu ngemva kokushona kukababa wabo. Engathi kukhona owasala eSwatini noma ngako Piet Retief omkhulu yena wagcina esakhe eSakhile eStanderton eMpumalanga Province.
Asibazi kahle abantu esizalana nabo kodwa la ekuhambeni sithole kunabantu esifana nabo ngendlela eyisimanga bebe bengabakwaMthethwa ezindaweni ezinjengaseNewcastle koSprings, eMpangeni naseSwatini. Ubaba wethu ongasekho wayengakukhuthalele ukulandelela izindaba zozalo ngiyacabanga ngenxa yenkolo. Omunye wabantwana bami babafana uke wafaniswa kakhulu noMhlonishwa uNathi Mthethwa abantu engazana nabo nathi sagcina sikubona lokho.
Ngingakujabulela ukuthola abantu bakwaMthethwa esisuka kubo nakuba ngibazisa bonke abantu bakwaMthethwa ngoba impela basuka kumuntu oyedwa.
Igama lam uMshiyeni Mthethwa.uMkhulu wam unendawo e Newcastle,eNgangane.Ubaba wa khulela khona eNewcastle.Nginga jabula uma uyangithinta Kule Number 073 950 3014.U anti wangi tshela ukuthi ngiya hlobana no Nathi Mthethwa.My grandfather was Mshiyeni Nonkenkeza Mthethwa.Please contact me urgently.
@Mshiyeni, nami ngifuni umndeni kababa ongizalawo uJabulani Joseph Mthethwa. Ozalwa eNewcastle, wathuthela eMpumalanga eWitbank, ePhola nase Delmas
Base vryhead abafowabo balo owasala e piet retief
Ngike ngizwe u mah ebala umuntu okanjalo kwabo angaz noma umkhulu wakhe noma ubaba wakhe kodwa ukhona
Ey ngiyabonga ngezithakazelo zakithi k oNyambose, Masondo khona ebengingazazi kodwa manje ngiyazazi
ngyabonga ukuth sengikwazi ukusho izithakazelo zam ngimncane kangaks ngifunda u grade 8 kubakulekile ukuthi ngizazi
Siyakubongela MaNyambose ngokufunda ngezithakazelo zesibongo sakho! Uqhubeke njalo nje! Sinalo nolunye ulwazi oluningi ngamasiko. Bheka nje lapha ulwazi ngomemulo: https://iafrika.org/umemulo/
Omageza ngobisi, omavela, ondlebe zomdlwane, Dingiswayo inkosi ayiqedwa.BoNyambose,asime njalo sande sedlule nezihlabathi zolwandle.
Siyabonga ngokusicobelela Dingiswayo! Mfolozi emnyama inketha baweli nabayiwelayo bayayiqokelela!
Uthi bewazi nje ukuthi kulenkundla sinolwazi olunzulu ngamasiko esintu? Siphendula imibuzo esiyehlule abaningi. Thatha nje isiko lokulobola: Kulotsholelwani? Kulotsholwa ngamalini? Kulotsholwa ngezinkomo ezingaki? Kwenziwani uma kulotsholwa? Zonke izimpendulo zilapha: https://iafrika.org/ukulobola-isigaba-emshadweni-wesintu/ Ubuye phela Nyambose uzotapa ulwazi ngoba kulezizinsukwana ezilandelayo nje kuzophuma ulwazi olunzulu mayelana nezinkomo zamalobolo.
Magaga onsibansiba!
That’s sibahle kanje,akudlali phela ukugeza ngobisi,eish kumnandi ukuba uNyambose maan
please if any of u can define ziqubu for me please guys
Siza ngokusazisa izithakazelo zakwaZiqubu ozaziyo, noma zingeziningi zimbalwa, khona abantu abakulenkundla nabo bezosiza ngabakwaziyo. Wena wazi kungabakwabani abakwaZiqubu?
# proudly Mthethwa. Asis’hlonipheni lesi sbongo siskhulise sande bo Godongwane. Nqanawe from Mkomaas (Kwa Dlangezwa)
Ukuba nguMthethwa kungenza ngibukeke ngiyinsizwa ebantwini. NYAMBOSE YITHI LABA
bhuti
Kunjalo bafowethu nodade kubonga thina oMthethwa onkonyane yenkosi cabanga nje mmmm Hlanga lezwe.uyezwa nje nawe uhlanga lezwe .boNyambose ngithi kini halala kithina bakwa Dingiswayo nina bakithi imina lona ngithi nje sime njalo.thatha miiiii thatha.lool waw nje sherm seniyongibamba lah 0797251112
A proudly Nyamboseeeee,,,,, the rulers,,, indeed a Dingiswayo .
Im Proud Of Mthethwa
PLZ SEND ME VIA EMAIL EZAKWA MADIDA,OSKHOTHA
ngiyabonga ukwazi izithakazelo zami kwazise ngashiwa abazali ngimncane ngangazi lutho ngazi.ngiyabonga Nyambose
Ngiyazigqaja Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi Jobs ngithinteni bo sazaneni bakithi 0739114005
I am a proud madingiswayo yoh
I am proud MaDingiswayo ,from Glencoe
UKube ngangingeMthethwa ngabe ngangiyini oHlangalezwe Mahlamba ngoBisi abany behlamba ngamanzi. Into engiyithanda ngesibongo sakithi sisuka kude kabi +_ 200AD maphakathi neAfrika isibongo esinesiqubulo ‘the one who rules’ . OMthethwa sesiyaye sibathole ngaphesheya kwezilwandle sebezibiza ngoLawrence nango Rule
wow yithi labor oNyambose bempela amakhosi okuqina
asiphushe lento boNyambose yokuhlonipha lesisobongo Mthethwa.
Siyabonga kubobonke abasifundisa ngomlando wakithi. Impels ngingumtwana kaNkulunkulu ngisindisiwe, kodwa angifuni ukungazi ngivelaphi. Ngiyabonga kakhu ngokuba uMthethwa, nokwazi imvelaphi yami
Please email me ezakwaNkwanyana to the following email: sebenzilepretty@gmail.com
Wow! Thank u 4 everyone ilearnt more about my surname thank u manyambose amahl lov u nyambose!!!
Iam proud for ngokuba inkonyanelenkosi Nyambose omuhle omkhulu!! Ngiqhamuka phansi eHammarsdale unit4 D1050
Nyambose omkhulu!!!
Nyambose dingiswayo ndonga ndilika Nina base mcacazweni mathanagana mahle onsibaba base mbangambangeni phansi matima kwamaphumulo ngiyabonga Nina bakhulu
Ngiyaziqhenya ngokuba umaNyambose
Kuyasithokozisa kakhulu ukuthi kubekhona abantu bakithi abazazi ngalendlela izithakazelo zakithi koNyambose. Kakhulu thina omkhulu nobaba bethu abadlula emhlabeni sisebancane kakhulu. Nime nje iNkosi inigcine kuze nizofundisa nabanye abantu bakithi izithakazelo zabo. Sibonga asiphezi
I wish ngabe ngakwaMthethwa nam ngendlela esihlonishwa ngakhona lesis’bongo
singamakhosi thina bathethwa
Ngizizwela ngiyinkosi
Awu uma nje ungaganela kwaMthethwa nawe usuyoba owakhona, ilula nje lento Nomvelo Chonco. Siyabonga uma nabanye bezinye izibongo besithanda lesibongo sethu
Bathethwa!. Abantu abaningi abazi ukthi inkosi iLembe lakhulela kithi, laqeqeshwa kithi, lelusa kithi, lafundiswa kithi ukweqathwa nokulwa izimpi. Ngakho abantu kumele basazi ukuthi empeleni singamakhosi impela. Ngenxa yokuthi inkosi uDingiswayo kwakungesiye umuntu wempi, yingakho wayidedela inkosi iLembe ukuba lihambe liyothatha ubukhosi balo kwaZulu. Akasho ukuthi ngoba naye eyinkosi kufanele ayombumbisa yena kwaZulu, kunalokho wamnika amabutho ayomlekelela. Lokho kukodwa kwabe kusho intobeko koka Dingiswayo. Nina Bogagane, nina bakaMbiya , Bathethwa!!
Pinky Mthethwa(Emzingazi)
nami kuyangibusisa ukuzazi ukuthi ngiyiNkonyane yenkosi,phela ngisho bona oDingiswayo abahle I’m very proud of my surname ngzoqikelela ukuthi sidumakahle njengoba sidumile
Siyabonga kakhulu niqhubeke njalo nisisize ngoba ezinye asizaziz
Mmmmm nice one, siyabonga sekuyiyona indlela esizazi ngayo lena
Ukuba ngibe ngu Mthethwa kungenza ngizizwe ngiyiqhawe, kwazise phela yithi oDingiswayo abalwela isizwe sakwa Zulu, sezihlulekile ezinye. Ngakhoke lokho kungenza ngizigqaje ngesibongo sami ngiphinde futhi ngiqikelele ukuthi ngiyasihlonipha kanjalo futhi nomhlaba usihloniphe, kwiyinselelo futhi kimi ukuthi isibongo sami ngisiqhube njalo siye phambili sidume kakhulu ukunakuqala. Kwinkolelo yami futhi ukuthi asikho isibongo esikhulu esidlula eskwa Mthethwa.
I like to being Nyambose ,nkonyaneyenkosi,mavela irealy proud of my surname
Me too i am so proud with my surname # Nyambose
I am so proud about my surname .Ngingu Noluthando Umamthethwa unyambose omuhler
Snenhlanhla Mthethwa (Mtubatuba) ukuba owakwaMthethwa kungenza ngizizwe ngimkhulu cz umlando wakhona muhle izwe lanqontshwa ngoba inkosi uShaka waqeqeshwa namabutho kaDingiswayo,kulo obuze ngemvelaphi ngiyengizwe kuthiwa sidabuka engoje ngenxa yezimpi sathutha sayobhaca eMpangeni kwesakwaMthethwa angibonge koNyambose