Izithakazelo zakwa Mthethwa Clan Names

Dingiswayo,
Nyambose,
Magaga onsibansiba,
Mfolozi emnyama inketha baweli nabawelayo bayayiqokelela,
Nina bakwanhlamba kangicelani ngoba angiceli lutho lomuntu,
Wena okaLugagane oluhlabangaphi ngoba phela lumhlaba ngale,
Thulisa kuyozwakala,
Nkonyane yenkosi,
Hlangalezwe,
Nina baka Xaba kaMadangu,
KaNkomo enenekazi,izothandandana nayiphi na?
Izothandana neyakithi Eyengweni,
Khubaze, Jobe kaKhali,
Magezang’ obisi lwenhlu abanye begeza ngamanzi,
Amabekankosi,
Nzimezimnyama,
Nina bakaGeza kaJakada,
Maphoswa kubusa,
Nina basezansi,
Mazila Mbolwane!

64 thoughts on “Izithakazelo zakwa Mthethwa Clan Names”

  1. Hi adm u philasande mthethwa lona kuyangijabulisa engikuthole lapha ngaphakathi ngazizwangisekhaya,bengifisa ukuthola la kujakada ukuthi yena udlale yiphi indima yena nokho abanye ngyabazi izindima zabo abazidlalile,nokuthi asiqinisekise ukuthi umthetwa umzulu ngoba nginenkinga yokuthi abanye bezihlobo zami bathi ba amaswazi or ndebele or so, ya kuyazeka ukuthi abathethwa abasuka kuqala nama tsonga e central afrika bathi ukuhla eswatini kolibombo mountains then bashuka bathi cababa enkandla kwazulu la bakha khona lomlando esesiwazi manje,manje mina angazi noma ngyphaphalaza yini uma ngibaphikisa ngoba nakho ngimi nangazo izithakazelo lezi ziyazichaza ukuthi uwuthethwa uwubani cha angibonge mina admi.

    Reply
    • Yebo bakhona oDingiswayo bamaHlubi, lapho uDingiswayo(uGodongwane Mthethwa) wafike wakhombisa khona amandla akhe, wabulala ingwe eyayibahlupha idla imfuyo yabo. inkosi yamahlubi yabe seyetha indodana yayo ngo Dingiswayo.

      Reply
  2. Ngsacela ukbuza uMthethwa uyaganiselana yini noMasondo if kungenzeki ayikho yini indlela yokugeza ubuhlobo ethile ukuze baganane

    Reply
    • Lutho Buhle uMthethwa akathathi koMasondo ngoba bangumndeni nqo oMasondo isizwe esiphuma kwaMthethwa yikho thina oMthethwa asithakazeleli NG Masondo kodwa bona bathakazelela ngoMthethwa.

      Reply
    • uMthethwa akaganiselani noMasondo. AbakwaMasondo bangabathethwa nje qondile. kungabantu bakwaMthethwa abalandela amasondo enyamazane

      Reply
  3. Sanibonani bo Dingiswayo ngicela ningisize ngehubo lakhithi kwaMthethwa angilazi. Ngiyabonga

    Reply
  4. Ngicela usizo, ngingo wakwaMthethwa kodwa asizazi siphumaphi umkhulu wathi ubaba nomkhulu wake u Dakwa no Myayiza. Uma kukhona onomlando ofana nawo lona ngisacela uziveze sifuna nje ukwazi imvelaphi yethu

    Reply
    • UBongani Mthethwa
      OAuntie bami bangitshela ukuthi umfowabo kamkhulu wetsuit uMagiya wanenomfowabo okwakuthiwa uDakwa. Babesuka kwesikaMthethwa eMpangeni behamba no abs Waco omkhulu ngemva kokushona kukababa wabo. Engathi kukhona owasala eSwatini noma ngako Piet Retief omkhulu yena wagcina esakhe eSakhile eStanderton eMpumalanga Province.
      Asibazi kahle abantu esizalana nabo kodwa la ekuhambeni sithole kunabantu esifana nabo ngendlela eyisimanga bebe bengabakwaMthethwa ezindaweni ezinjengaseNewcastle koSprings, eMpangeni naseSwatini. Ubaba wethu ongasekho wayengakukhuthalele ukulandelela izindaba zozalo ngiyacabanga ngenxa yenkolo. Omunye wabantwana bami babafana uke wafaniswa kakhulu noMhlonishwa uNathi Mthethwa abantu engazana nabo nathi sagcina sikubona lokho.

      Ngingakujabulela ukuthola abantu bakwaMthethwa esisuka kubo nakuba ngibazisa bonke abantu bakwaMthethwa ngoba impela basuka kumuntu oyedwa.

      Reply
      • Igama lam uMshiyeni Mthethwa.uMkhulu wam unendawo e Newcastle,eNgangane.Ubaba wa khulela khona eNewcastle.Nginga jabula uma uyangithinta Kule Number 073 950 3014.U anti wangi tshela ukuthi ngiya hlobana no Nathi Mthethwa.My grandfather was Mshiyeni Nonkenkeza Mthethwa.Please contact me urgently.

        Reply
        • @Mshiyeni, nami ngifuni umndeni kababa ongizalawo uJabulani Joseph Mthethwa. Ozalwa eNewcastle, wathuthela eMpumalanga eWitbank, ePhola nase Delmas

          Reply
    • Ngike ngizwe u mah ebala umuntu okanjalo kwabo angaz noma umkhulu wakhe noma ubaba wakhe kodwa ukhona

      Reply
  5. Ey ngiyabonga ngezithakazelo zakithi k oNyambose, Masondo khona ebengingazazi kodwa manje ngiyazazi

    Reply
  6. ngyabonga ukuth sengikwazi ukusho izithakazelo zam ngimncane kangaks ngifunda u grade 8 kubakulekile ukuthi ngizazi

    Reply
  7. Omageza ngobisi, omavela, ondlebe zomdlwane, Dingiswayo inkosi ayiqedwa.BoNyambose,asime njalo sande sedlule nezihlabathi zolwandle.

    Reply
    • Siyabonga ngokusicobelela Dingiswayo! Mfolozi emnyama inketha baweli nabayiwelayo bayayiqokelela!

      Uthi bewazi nje ukuthi kulenkundla sinolwazi olunzulu ngamasiko esintu? Siphendula imibuzo esiyehlule abaningi. Thatha nje isiko lokulobola: Kulotsholelwani? Kulotsholwa ngamalini? Kulotsholwa ngezinkomo ezingaki? Kwenziwani uma kulotsholwa? Zonke izimpendulo zilapha: https://iafrika.org/ukulobola-isigaba-emshadweni-wesintu/ Ubuye phela Nyambose uzotapa ulwazi ngoba kulezizinsukwana ezilandelayo nje kuzophuma ulwazi olunzulu mayelana nezinkomo zamalobolo.

      Magaga onsibansiba!

      Reply
    • Siza ngokusazisa izithakazelo zakwaZiqubu ozaziyo, noma zingeziningi zimbalwa, khona abantu abakulenkundla nabo bezosiza ngabakwaziyo. Wena wazi kungabakwabani abakwaZiqubu?

      Reply
  8. # proudly Mthethwa. Asis’hlonipheni lesi sbongo siskhulise sande bo Godongwane. Nqanawe from Mkomaas (Kwa Dlangezwa)

    Reply
  9. Kunjalo bafowethu nodade kubonga thina oMthethwa onkonyane yenkosi cabanga nje mmmm Hlanga lezwe.uyezwa nje nawe uhlanga lezwe .boNyambose ngithi kini halala kithina bakwa Dingiswayo nina bakithi imina lona ngithi nje sime njalo.thatha miiiii thatha.lool waw nje sherm seniyongibamba lah 0797251112

    Reply
  10. ngiyabonga ukwazi izithakazelo zami kwazise ngashiwa abazali ngimncane ngangazi lutho ngazi.ngiyabonga Nyambose

    Reply
  11. Ngiyazigqaja Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi Jobs ngithinteni bo sazaneni bakithi 0739114005

    Reply
  12. UKube ngangingeMthethwa ngabe ngangiyini oHlangalezwe Mahlamba ngoBisi abany behlamba ngamanzi. Into engiyithanda ngesibongo sakithi sisuka kude kabi +_ 200AD maphakathi neAfrika isibongo esinesiqubulo ‘the one who rules’ . OMthethwa sesiyaye sibathole ngaphesheya kwezilwandle sebezibiza ngoLawrence nango Rule

    Reply
  13. wow yithi labor oNyambose bempela amakhosi okuqina
    asiphushe lento boNyambose yokuhlonipha lesisobongo Mthethwa.

    Reply
  14. Siyabonga kubobonke abasifundisa ngomlando wakithi. Impels ngingumtwana kaNkulunkulu ngisindisiwe, kodwa angifuni ukungazi ngivelaphi. Ngiyabonga kakhu ngokuba uMthethwa, nokwazi imvelaphi yami

    Reply
  15. Kuyasithokozisa kakhulu ukuthi kubekhona abantu bakithi abazazi ngalendlela izithakazelo zakithi koNyambose. Kakhulu thina omkhulu nobaba bethu abadlula emhlabeni sisebancane kakhulu. Nime nje iNkosi inigcine kuze nizofundisa nabanye abantu bakithi izithakazelo zabo. Sibonga asiphezi

    Reply
  16. Bathethwa!. Abantu abaningi abazi ukthi inkosi iLembe lakhulela kithi, laqeqeshwa kithi, lelusa kithi, lafundiswa kithi ukweqathwa nokulwa izimpi. Ngakho abantu kumele basazi ukuthi empeleni singamakhosi impela. Ngenxa yokuthi inkosi uDingiswayo kwakungesiye umuntu wempi, yingakho wayidedela inkosi iLembe ukuba lihambe liyothatha ubukhosi balo kwaZulu. Akasho ukuthi ngoba naye eyinkosi kufanele ayombumbisa yena kwaZulu, kunalokho wamnika amabutho ayomlekelela. Lokho kukodwa kwabe kusho intobeko koka Dingiswayo. Nina Bogagane, nina bakaMbiya , Bathethwa!!

    Reply
    • Pinky Mthethwa(Emzingazi)
      nami kuyangibusisa ukuzazi ukuthi ngiyiNkonyane yenkosi,phela ngisho bona oDingiswayo abahle I’m very proud of my surname ngzoqikelela ukuthi sidumakahle njengoba sidumile

      Reply
  17. Ukuba ngibe ngu Mthethwa kungenza ngizizwe ngiyiqhawe, kwazise phela yithi oDingiswayo abalwela isizwe sakwa Zulu, sezihlulekile ezinye. Ngakhoke lokho kungenza ngizigqaje ngesibongo sami ngiphinde futhi ngiqikelele ukuthi ngiyasihlonipha kanjalo futhi nomhlaba usihloniphe, kwiyinselelo futhi kimi ukuthi isibongo sami ngisiqhube njalo siye phambili sidume kakhulu ukunakuqala. Kwinkolelo yami futhi ukuthi asikho isibongo esikhulu esidlula eskwa Mthethwa.

    Reply
          • Snenhlanhla Mthethwa (Mtubatuba) ukuba owakwaMthethwa kungenza ngizizwe ngimkhulu cz umlando wakhona muhle izwe lanqontshwa ngoba inkosi uShaka waqeqeshwa namabutho kaDingiswayo,kulo obuze ngemvelaphi ngiyengizwe kuthiwa sidabuka engoje ngenxa yezimpi sathutha sayobhaca eMpangeni kwesakwaMthethwa angibonge koNyambose

            Reply

Leave a Reply