Izithakazelo ziyigugu nendlela yokuzigqaja kulowo osuke ebizwa ngolibo lwamaqhawe akubo.
Ngisho kungathiwa umuntu usethukuthele wagana unwabu, uma uke wambiza ngesithakazelo samhlaba siye siyithunge maphakathi inhliziyo uzibone izihlathi zivakashela izindlebe. Zonke izizwe zabeNguni zinezibongo. Izibongo lezo zihambisana nezithakazelo. Izithakazelo zehluka ngokuthi zona zihambisana nesibongo sabantu abanenkaba yozalo.
Zisuselwaphi izithakazelo?
Izithakazelo lezi zisuselwa emagameni nasezibongweni zokhokho besibongo esithile. Uma umuntu ethakazela uyaye aqale kokhokho, kokunye athinte nomlando walowo esuka emthakazela.
Empeleni isithakazelo yigama likakhokho othile oyisihlobo. Lokho kwenza ukuba isithakazelo sifane nesibongo. Phela isibongo naso igama lomuntu, kwesinye isikhathi isithakazelo noma isibongo siqhamuka ngesenzo thizeni.
Zisetshenziswa kanjani izithakazelo?
Uma uteketisa umuntu ayikho indlela yokuteketisa ngayo kamnandi ukudlula ukumthakazela umusho ngezibongo zakubo nezokhokho bakhe. Lokho kusho ukuthi uyambona futhi uyamhlonipha yena nemvelaphi yakhe. Noma ngabe inini akukwazi ukuthi umuntu othi uhlonipha umuzi thizeni angayihloniphi inhloko yakuloyo muzi. Ukuthakazela umuntu kuyindlela yokumbingelela, ukutshengisa inhlonipho kanye nokwazisa izimpande zakhe eziyimvelaphi yakhe.
Ukuthakazela umuntu kuyasetshenziswa futhi uma ubingelela umuntu omdala noma uma ukhuluma naye okusho ukuthi uyabazisa ubudala bakhe nesigaba akakusona empilweni. Isibonelo, uma ukhuluma nobaba okuzalayo kulula ukuthi umuthakazele noma ningengxoxo nje engatheni. Angithi thina singabantu inhlonipho siyiqhakambisa phambili, ingakho noma ukhuluma nomuntu omdala kunawe ungeke ukwazi ukumbiza ngesihloko segama lakhe. Esikhundleni sokuthi umbize ngegama bese umthopha ngesithakazelo sakhe.
Enye indlela izithakazelo ezisetshenziswa ngayo
Izithakazelo futhi ziyasetshenziswa uma kukhulweka ungena egcekeni lomuzi womuntu. Ziphinde zisetshenziswe esibayeni ekhaya uma kuhlatshiwe abantu sebeqede ukudla esibayeni. Isibonelo nje, ekhaya kuhlatshiwe kwenziwa ihlambo lomnumnzane ongasekho enikwa isihlangu sakhe. Uma sekuqedwe ukudla esibayeni, inkosana noma ubaba omdala wakulowo muzi utshela ibandla elisuke lisesibayeni ukuthi njengoba kubuswa layikhaya kunikwa usokhaya isihlangu sakhe. Emuva kwalenkulumo yokwethula ukuthi umsebenzi owani kuyaye kubanjwe ugqoko, lubanjwa abomndeni bese besho izithakazelo zakulowo muzi. Akugcini lapho ngisho kunomsebenzi omncane ekhaya wembuzi, uma sekudliwe kuhaywa zona izithakazelo zakulowo muzi.
Umsebenzi wezithakazelo
Muningi kakhulu umsebenzi wezithakazelo, angithi ngisho kushiswa impepho emsamo ekhaya ziyasetshenziswa. Ikhehla noma ubaba wekhaya uma eshisa impepho ekhaya uqala abize abadala abangasekho ngokulandelana kwabo, abize amakhehla abize nezalukwazi zakhona ezingasekho. Kuthi uma eseqede ukubika akade ekubika emsamo noma akade ekucela bese ebiza izithakazelo zakulowo muzi. Leyo indlela yokubiza abadala futhi yokutshengisa ukuthi ukhuluma nazo ngqo izinyanya zalayikhaya.
Ngisho nje into encane efana nengxabano yezithandani iyalungiseka ngezithakazelo. Kukancane ukuthi uxabane nomuntu abe nolaka ngisho usumthophe ngezithakazelo zakhe. Ngisho ngabe udinwe ugane unwabu kodwa nje wamusho ngezithakazelo zakhe ukhombisa ukuzehlisa loyomuntu wehlela ngezansi kwehle nolaka obekade enalo. Sesiphetha nje, awukho umgomo wokusebenzisa izithakazelo kepha kubantu abazi isintu bayazi ukuthi ukuthakazela umuntu kusho enkulu inhlonipho. Usuke ungahloniphi yena kuphela kepha usuke usuhlonipha ngisho imvelaphi yakhe.
Ziyini izithakazelo empilweni yomuntu siqu?
Izithakazelo ziyinsila yomuntu. Singaphinde sizifanise nohlobo oluthile lomculo othi uma unkeneneza umuntu avukwe uhlevane, azizwe esemuzweni othile omthoba inhliziyo uma yonakele, azizwe ejabule uma edumele.
Izithakazelo ziwumgogodla, insika ziphinde zibe wumlando womuntu ikakhulukazi kuthina bantu abangaphansi kwabaNguni. Ngaphandle kwesithakazelo sami lufishane kakhulu ulwazi enginalo ngomndeni wami kanye nemvelaphi yami. Izithakazelo zicishe zifane namagama kanye nezibongo zobunsizwa ngoba lezi kuba izinto eziwumlando womuntu. Amagama obunsizwa aqhamuka kumagalelo ayo, ezinqinambeni esidlule kuzo kanye nokuhlabana kwayo. Kanti ke izithakazelo ziwumlando wokuthi ubani uzalwa ubani wakwabani yena owayezalwa ubani. Uma nje umuntu eqala ekhuleka egcekeni ebiza isibongo salowo muzi lokho kusho ukuthi uyazi ngomlando wakulowo muzi noma unalo ulwazi oluncane ngawo.
Thina sizwe esiNsundu umlando wethu ubungalotshwa emabhukwini njengoba sekwenzeka esikhathini samanje kepha ubuqoshwa ngokuthi ushiwo njengoba kusuke kushiwo umlolozelo wezingane. Ingakho sazi namhlanje ukuthi abantu besibongo esithile ithini imvelaphi yabo, bazalwa obani bakabani kanti imaphi amaqhawe akulowo muzi. Izithakazelo zigqamisa imvelaphi yabantu basemakithi, zisho imlando yabo njengokunqoba kwabo ezimpini ngoba phela emandulo kwakuliwa kakhulu. Ziphinde ziveze kancane ngezinto abantu abebedlula kuzona.
Igwijikhwebu ngezithakazelo
Okuyindida ke ngazo izithakazelo ukuthi isikhathi ezaqala ngaso isiphi kanti futhi zagcina kusiphi ukuthi zifakwe ezibongweni esizisebenzisayo. Ngisho ngoba umlando wabantu awupheli ngokuzalwa kwezizukulwane ezintsha kusho ukuthi umndeni nomndeni uzala abantu abasha abanye babo abenza okukhulu kepha amagama abo awangeni ezithakazelweni zakuleso sibongo. Okunye okuyindida ukuthi ingabe iluphi uhla olwalusetshenziswa ukuthi umuntu wakuleso sibongo agcine angene esithakazelweni kodwa abanye bona bengangeni kuzona.
Umlando nezithakazelo
Umlando wethu uma usuqala manje ukulotshwa emabhukwini lokho okusho ukuthi sekulula nokuwugcina. Nazo izithakazelo zaziyinjongo yokuthi umlando wethu ugcineke. Noma bekungasiwona umcabango wokhokho kuqalwa indaba yezithakazelo kodwa khona kuyinto yokugcina umlando wethu ungahambi nomoya kuphele ngawo. Izithakazelo ziyindlela yokugcina umlando wamaqhawe akithi uphila, ziyindlela yokusikhumbuza ngemvelaphi yethu ukuthi izimpande nezinkaba zethu zikuphi, zisukaphi futhi zibhekephi.
Udaba lwezithakazelo alugcini nje ngokuthi liqukethe umlando womuntu wesibongo esithile kepha ukwazi isithakazelo somuntu kusho ukuthi umuntu uyamtusa futhi uyayazi nemvelaphi yakhe. Ezintweni eziningi esizithathiwe ezinye zagcina zishabalele zomlando yethu kubonakala izithakazelo kuyizona ezisamile futhi ubukhona bazo obungacikizeli ngenxa yokushintsha kwezikhathi.
awesome blog liked the liking
Mina ngasacela umlando nezithakazelo zakwa Makhunga
Mhlawumbe uma ungaqala uke usitshele lezo zithakazelo zakwaMakhunga ozaziyo, noma zingeziningi zimbalwa, kuyosiza lokho kwabanalo ulwazi lomlando wakwaMakhunga, nabo sebokwenenezela ngendlela abazi ngayo. Uma besho ekhaya kwenu baye bathi zithini izithakazelo zakwaMakhunga?
Bengithanda ukwazi izithakazelo zakwaNdlovu (umkhandela)
Mina bengithanda ukwazi isibongo nomlando wakwambogwa kanye nezithakazelo
Mina ngyathanda ningichazele ngomlando nje wakwaDlamini(onkosi, Mlangeni, sibalukhulu,,,,,,) bengingajabula yazi uma ngingawazi nje
Ngithanda ukwazi ngemvelaphi yabakwa Gabela
Ngiyathanda ukwazi ngezithakazelo zakwa Shezi nesibongo.
Nokuty kungabe bawuhlobo luni lomuntu.(#Umzulu,Ibhaca etc)