UNgwanengwane emazibukweni,
USigodo sikaLuhhayiza,
USigodo sikaMsongi wensimba,
UNokhaphez’ uthuli
UTshetshelankungu
UNhloko iyabanda
UDlamvula kayinanga
UPhunyuka bemphethe
Amaputukezi noMphobobo,
Bemhlanganyela namaNgola.
UMlungisis wezabanye,
Kodwa ezami
Zibe zonakala
Ugodo oluhlala
Amankankane
Umadoda esaba
Ukuy’ empini,
Kodwa nizoze nihambe
Ngoba iNkosi ishilo,
Ukuthi mayihlome maTembe.
Umphuphutheki ohamba
Engayaz’ indlela,
Kodwa bamkhomb’ abayaziyo.
UPhaqa njengelanga liphuma,
UTongoloka naye nomankwinkwinya,
UWashesha wakithi kaTembe,
UMabuya ingakabuyi,
Indod’ eNgwavuma,
Uzihlangu zibomvu
UMashiya bejamile.
UNyezi weZulu
Ngoba esegwaziwe
UDlungwane owadlungana.
Nezinkabi endleleni,
Besaba ukumyeka,
Ngoba kujam’ isilo.
Masiya lapha sizophela.
Umabona engabonwa
Owajama emzileni,
Inyathi kaDahhumba
Empondo zimbedula,
Eye yajama phezu kweMpela noSuthu,
Kwaze kwakhuz’ unina
UZambili Dlamini,
Wathi nani maNgola,
Nani maPutukezi,
Nawe Mphobobo
Ungayithinti leyo nyathi kaMabhudu
Ngob’ oyothintayo
Uyobe ethint’ unyezangoma,
Olunganyezi yena,
Kodwa olunyez’ abathakathi!
Izibongo zika Ngwanase
Clan names
Gumbi
Gumede
Gwala
Izibongo
Khoza
Magwaza
Malinga
Manqele
Mdunge
Mgabhi
Ncube
Nene
Nkwanyana
Ntombela
Ntuli
Nzama
Nzuza
Phakathi
Qwabe
Shembe
Zondi
Zulu
Zungu
Zwane
Uyazazi izithakazelo zakho noma ezomunye? Zikfake lapha!