Inganekwane yesiZulu: Kusinda abakwa Gwala

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasukasukela, kwakukhona abangani abababili okwaku ngamantombazane. Ngelinye ilanga babezoya emcimbini wezilwane endaweni yazo. Kwakumele beyoqhudelana nengwe ngokulwa ukuze oyedwa wabo ezoba yinkosi yezilwane. Lo omunye owayaziwa ngamandla wayezizwa futhi enomfutho. Kanti omunye wayethothobele engazi noma liyaphuma noma liyashona. Zahamba izinsuku umngani onamandla elokhu egcona omunye.

Lwafika olwamanqamu zaphuma zonke izilwane zizobuka, yaphuma ingwe naye waphuma babasenkundleni, bezilwa bobabili. Lo oyigwala wayelokhu ebelesele umngani wakhe ngokuthi kumele bebuyele emuva, kepha umngani elokhu eqhubekile ngokuthi uzoba inkosi yezilwane yena, uzonqoba. Baqala ke beqhathwe umngani oyigwala wayezimele kude nempi. Baqala ukulwa okokuqala yehlulwa ingwe. Noma ihlulwe kunjalo kwaba nzima intombazanyana yabe isingenawo amandla.

Kwathi sekuliwa isihlandla sesibili yazama intombazanyana kwasho ukuthi isilwane sinamandla ngokwedlulele. Yahluleka kanjalo isimabokoboko nezilwane zase zimshiya lapho. Umngani wayo weza esezoyimtakula ngoba noma ubani wayesezishayela nje. Wathi isalakutshelwa libona ngomopho, ngikutshelile ukuthi ungalwi. Waqhuba umngani wathi uyabonake ukuthi abakwaGwala bayasinda, bheka mina anginamyocu nobugwala bami.

Cosu cosu yaphela.

Leave a Reply