Inganekwane yesiZulu: Izilwane ezinezimpondo

Zonke izilwane ezinezimpondo zahlangana zahlela umcimbi omukhulu. Lokho akwehlanga kahle kunogwaja njengoba yena engenazo izimpondo. Wabona kukuhle ahambe ayofuna izimpondo zenyamazane eyafa. Wahamba wazithola izimpondo. Walungisa kahle inhloko yenyamazane yalingana nenhloko yakhe. Wathatha inomfi wanamathisela kahle wanamathisela enhloko yakhe. Wazibona emuhle, kumfanela, wabe eseya khona emcimbini. Wamukeleka wangena ngaphakathi. Zamangala zonke izilwane ezinezimpondo zibona uzakwabo … Read more