Izithakazelo zakwaNzimande

Nzimande, Gqawu, Mphephethwa, Gwala Ngwekazi Mdlovu Wena owasukela isigodo simuka nomfula wathi yinyama, Madla kulandulwa! Mdluli, Shebe, Nozulu, Ngwekazi Phohlaphohla, Mangqingqingqi. Nyawo zimhlophe ngokunyathela njengezihlabathi zolwandle. Mancama ngesinkwa esikhulu esancama amakhosi eya empini. Xam’ odla ngomsingazane, Mhlandla, Nomandla, Majiya! Wena kaMabathabatha! Vilakazi!