Inganekwane yesiZulu: Ubuqili bemfene
Kwasukasukela, wakukhona umama owayehlala nomntwana wakhe. Umakhelwane wakhe kuyi mfene. Imfene yayidume ngokuntshotsha iphinde idle abantwana. Umama wayesebenza emaplazini kude kakhulu nekhaya. Umama wayenendlela afundisa ngayo ingane yakhe futhi yayazi ukuthi nguye kuphela okhuluma nayo ngaleyo ndlela. Njalo umama uma ebuya wayethi, “Mntanami ngivulele, ngikuphathele isinkwa nebhotela.” Umntwana wayevula ngemuvanje kokuzwa lawomazwi kamama wakhe. Imfene … Read more