Kwasukasukela, wakukhona umama owayehlala nomntwana wakhe. Umakhelwane wakhe kuyi mfene. Imfene yayidume ngokuntshotsha iphinde idle abantwana. Umama wayesebenza emaplazini kude kakhulu nekhaya.
Umama wayenendlela afundisa ngayo ingane yakhe futhi yayazi ukuthi nguye kuphela okhuluma nayo ngaleyo ndlela. Njalo umama uma ebuya wayethi, “Mntanami ngivulele, ngikuphathele isinkwa nebhotela.” Umntwana wayevula ngemuvanje kokuzwa lawomazwi kamama wakhe. Imfene ngobuqili bayo, njalo yayihlala izifundisa ukukhuluma njengo mama womntwana.
Yagcina ifundile ukukhuluma okufana ncamashi nalo mama. Kwathi ngelinye ilanga umama engakabuyi emsebenzini, yaya emntwaneni imfene. Yafike yathi, “Mntanami ngivulele, ngikuphathele isinkwa nebhotela.” Imfene yasho ngezwi elifana nelika mama womntwana. Nangempela umntwana wavula, yangena imfene yamudla. Umama wathi ebuya ntambama wafica kukhala ibhungane.
Cosu cosu yaphela.