Njengabantu abakholelwa kakhulu esintwini, lokhu kufaka namadlozi, izangoma kanye nezinyanga. UZulu mkhulu kangaka nje nobukhosi bakhe izona izangoma nezinyanga ezisingethe wona lombuso, ngoba ngisho nasemandulo amakhosi ayephahlwa izona izinyanga. Ebukhosini bonke bukaZulu, ayikho inkosi eyayingasekelwe izanusi nezinyanga, ngoba ngisho amabutho ayo inkosi leyo belu ayeqiniswa izinyanga uma ezophikelela empini. Lokhu kusho khona ukuthi inkulu indima ebidlalwa nesadlalwa abelaphi bendabuko ngoba ngisho manje noma sekukhona ukwelapha kwesilungu kodwa lokhu okwendabuko akuyi ndawo, izimpande zakho zibanzi. Lelikhasi lethula indaba yokwethwasa, okufana nokufundela ukuba uSonhlakahle esikhathini samanje kodwa khona ke kwenziwa ngesisekelo sesintu kuze kuyophethwa noma kuphothulwe.
Amathongo
Amathongo lawa ehlukahlukene. Kukhona idlozi; okusho ukuthi uyise wethwasa. Kukhona indiki; okusho ukuthi uyisemkhulu wethwasa. Indiki livama ukuhamba kanye nendawe; okunguninakhulu wethwasa. Kukhona futhi namathongo asekhaya konina wethwasa njalonjalo. Kukhona futhi namathongo anamandla kakhulu okuthiwa abalozi. Wona-ke ayazikhulumela futhi ayazisho ukuthi angobani.
Njengoba lamathongo ehlukahlukene, kanjalo futhi namaziko okuphehlelwa kuwo ehlukahlukene. Ongenawo amandiki namandawe ngeke alithwasisa ithwasa elinamandiki namandawe. Amandiki lana abonakala ngokugida kwethwasa, ligida ngomfutho nangamandla edlula awesangoma phaqa. Futhi liyezwakala indiki ngokubhonga nangokubhodla kakhulu kanti isangoma asibhongi. Emaphusheni endiki kuyaye kufuneke inkukhu yokuliqhwakelisa, lona aliguqi noma lihlale phansi njengesangoma. Kubuye kuhlatshwe imbuzi yezikhali ngoba lona lihloma ukwedlula isangoma. Abalozi bavela kamuva impela.
Ukwethwasa
Ukwethwasa yikho phela ukufundela ukwelapha ngokwendabuko noma ukwelapha ngesintu. Kwakwethwasa Iowo kuphela othandwe amathongo akubo; angene kuye asebenze ngaye. Kungakhathaleki noma yena uyathanda yini ukuba isangoma noma cha.
Ekuxoxeni kwami ngizoqala ngezangoma ngoba phela izinyanga lezi zamakhambi zikhanyiselwa yilezi ezibhulayo, noma-ke lokho kungesiwo umgomo kodwa kuyinto eyejwayelekile. Kuyaye kwenzeke ukuba mhlawumbe emzini othile noma ohlotsheni lolo kwakukhona isangoma kodwa sesashona. Kuzohamba kuhambe lesisangoma sibuye njengethongo sifike sidumbe lowo esimthandayo singene kuye, simnike ubungoma baso lobo. Lokho akwethusi muntu. Okwethusayo wukuba kuthi ingani emlandweni wokudabuka kohlobo lolo akuzange kube nesangoma, kuyabonakala umuntu othile usengenwa lidlozi. Kokunye kusuke kungelasekhaya konina.
Okokuqala okubuhlungu wukuthi idlozi leli kalingeni kahle kumuntu. Okwesibili okubuhlungu ukuthi lidumba Iowo ongalifuni kakhulu. Okuvamile ukuba lidumbe owesifazane; isangoma sendoda sasiyivela kancane kabi kwaZulu. Sengishilo ngathi ubungoma abungeni kalula; bungena ngesifo. Umuntu ugula kanzima abuye kwababomvana. Impela umuntu ongenwe lidlozi ugcina eseyisiyabhuyabhana sengathi nekhanda lakhe alisathathi kahle. Okubuhlungu ukuthi amathongo lawo awazibiki ukuthi belu awunasifo kodwa uguliswa yiwo. Kanjalo futhi nababhulayo ngeke balibhule ithongo.
Kungaze kwenzeke ukuba kuthi makhathaleni kubekhona inyanga esolayo ukuthi mhlawumbe ungenwe abakini bese ikunika ubulawu obumhlophe uhlanze ngabo. Okunye okwenza kubenzima ngisho ukusolela nje ukuthi lo muntu unedlozi ukuthi nezifo idlozi elingena ngazo azifani. Komunye liyakhuluphalisa; umuntu avuvuke umzimba kulokhu kuthiwa uyazimuka kanti phinde. Omunye uzaca aphele nya abengangothi lokuvungula. Omunye uhlatshwa izibhobo ezingaziwa, omunye ahlushwe ikhanda limphathe kube sengathi kuzodabuka izingebhezi. Omunye angenwe isifuba akhwehlele aze ome umuntu wabantu, kube sengathi akanalo igazi, omunye kuba ngisho isifo sokuwa avukwe imimoya kube sengathi nasekhanda azisathathi kahle. Ziningi futhi zahlukene izifo ezingena noma ezivela kumuntu ongenwe idlozi.
Onenhlahla uyaye abhodle kakhulu, ahlale ezamula bese eshesha ukubonakala, anikwe ubulawu obumhlophe ukuze livele obala idlozi lakhe. Omunye uba nenhlahla yokuphupha amaphupho bese kokunye akuphuphile kwenzeke ngempela bese kubonakala ukuthi ungenwe abaphansi. Kulona ophuphayo kungenzeka aze aphuphe ngisho ubulawu okufuneka aphalaze ngabo, aziphehlele yena, aze aye esangomeni ngoba eseyohlanganisa idlozi esekhishwa. Lowo akabe esasikhokhela isangoma inkomo, ukhipha imbuzi noma ezimbili kuphela. Phela ophehlelwe isangoma ukhokha imbuzi yogxa, kanye nenkomo yokuphothula.
Ukubhoboka kwedlozi
Kuthi emva kwesikhathi eside umuntu egulile, kufike ezingeni lokuba libhoboke idlozi. Kwakuvamise ukuba libhoboke ebusuku. Ukubhoboka kwedlozi yilokhu ukuba kuthi khona ebusuku njalo, lona ogulayo ezwakale esesina yedwa. Usina njalo uyahayiza (umngoma); kokunye uyabhonga (umndiki). Abakubo sebezoqonda-ke ukuthi uguliswa yidlozi. Omunye akaze angahayiza, usina asine qede aphume ngesivinini kuse engasaziwa, sekuzokwaziwa-ke nakuye ukuthi ubeguliswa idlozi.
Lo muntu ogulayo uzosina asine ebhonga ehayiza lize limkhiphe idlozi. Aphume ngesivinini engazi nalapho eya khona. Empeleni konke ukusina nokuhayiza lokho usuke engakwazi ngoba umqondo wakhe usuke usathwebulekile, kusuke kungenzi yena kodwa kwenza idlozi. Uphuma ngesivinini ahambe anqamule izigodi nezifunda engazi lapho aya khona. Abakubo bayamphelekezela ukuze angalimali endleleni futhi nabo abazi lapho eyophelela khona. Endleleni lapha akahambi kodwa uyagijima. Uma kukude uhamba elala evuka kodwa nalabo alala kubo ebe engababoni futhi engabazi.
Ukwemukela ithwasa
Ekufikeni kwethwasa kulo muzi wesangoma lingena ngehubo lezangoma. Liqala lihube lisesesangweni, liyothi lingena libe selisina uthuli olumnyama. Amanye amathwasa aphehlelwa yilowo mngoma obe eselihlangabeza alihubise, alisinise, alihole njalo aze ayongena nalo endlini enkulu yomngoma enamagobongo nezinkamba zamathwasa. Lizonele lingene lapho ithwasa lithi ukugidagida bese liqumbeka phansi liquleke. Liyophaphama emva kwesikhathi sekubuye nomqondo.
Ukunqwambisa nokubhuda ibomvu
Ithwasa alelashwa ngalutho ngaphandle kwezimbuzi lezo ezihlatshwayo, kanye nobulawu okufuneka liphalaze ngabo. Imbuzi yokuqala ngqa ehlatshwayo yileyo yokunqwambisa nokuhuqa ngodaka. Lokhu kwenziwa umngoma Iowo owethwasisayo, ohlonishwa amathwasa akhe ngokuba ambize ngokuthi: ‘Baba.’ Akukhathaleki noma ngabe umngoma Iowa ungumfazi, phela akukhulekwa kuye kukhulekwa emakhosini lana awathwele. Uma umngoma Iowo athwasa emanzini, waphuma esemhlophe qwa umcako, onke amathwasa akhe ayohuqa umcako. Uma ethwasa ngaphandle, onke amathwasa akhe ayohuqa ibomvu.
Imbuzi-ke le yokuqala inemikhuba yayo. Okokuqala ukuthi kufuneka ibemnyama bhuqe. Okwesibili wukuthi inele ihlatshwe nje, kuthathwe inyongo yayo nobuhlalu obumhlophe nebomvu kufihlwe. Ngalokho okufihlwayo kuvivinywa ithwasa. Phela kungenzeka ukuba lize kulomuzi njena akusikho ukuthi liyethwasa ngempela kodwa wukugula njena. Lokho kuyobonakala ngokuba lehluleke ukuthola izinyongo lezo ezifihliwe.
Uma ithwasa lilethwe yidlozi ngempela, lizohlala lihlale bese kufika kulo ukuthi kukhona elifihlelwe khona. Bayabona selithi lacu liphuma, kanti liyofuna inyongo leyo. Bazolethuka selingena nayo lifike lichaze futhi lithi: “Nalobu buhlalu nithi angibuthwale ekhanda nenyongo lena. Leli bomvu nithi, angibhude ngalo. Lezi zikhumba zona nithi anginqwambe ngazo.” (Iminqwambo isikwa emhlane wesikhumba leso sembuzi emnyama. Isikwa ibe imibhelenja emibili ehlangene phakathi kwamabele iphume emahlombe naphakathi kwamakhwapha ihlangane futhi emhlane).
Ukuhlanganisa idlozi
Ngokuqhubeka kwezinsuku lizophinde liphuphe futhi ithwasa. Liphuphe kuhlatshiwe. Uma amakhosi efuna umbala othile lizowubona khona ephusheni. Kosa ligula liyinhlabathi lingavuki. Selizochazela uyise ngephupho lelo, yena bese eqonda ukuthi kufuneka imbuzi yokuhlanganisa idlozi. Usezothumela kwabakubo kwethwasa ukuba beze, ababikele-ke le ndaba yokuthi ithwasa sekufuneka liyohlanganisa idlozi. Phela isangoma asibhuli ngedlozi elilodwa, kepha amadlozi maningi ayinhlanganisela.
Kukhona ngisho amadlozi asekhaya konina, nawasekwalo uma seliganile, kanye-ke nawakubo lapho lizalwa khona. Manje-ke ukuze onke lamadlozi ahlangane ezwane asebenze into eyodwa, kufuneka ahlanganiswe ngezimbuzi. Kuyenzeka ukuba amanye amadlozi avele sekukudala lakhishwa ephehlweni ithwasa, kodwa nawo kufuneka ahlatshelwe izimbuzi angeniswe kulana amanye. Yilokho phela izangoma sezahlala zinuka imiswani. Lomkhosi wokuhlanganisa idlozi ungumkhosi omkhulu nohloniphekayo ezangomeni. Nembuzi ehlatshwayo ayibi yinye. Yilowo nalowo muzi onedlozi okufuneka lihlanganiswe nelakwathwasa, kufuneka ukhiphe imbuzi, njengokuphupha kwethwasa. Imvamisa ziba mbili ngoba kuba eyakwabo wethwasa neyasekwalo uma seliganile, kube eyakubo neyasekhaya konina uma lingakagani noma kungelesilisa. Lomkhosi uphuma njengodwendwe. Kubo wethwasa kumenywa amaqhaga utshwala bube ngangamanzi okuphala izikhumba. Udwendwe lolu lungena mhla kuvovwa utshwala. Lungena kuhwelela, lufike luqhinqe endlini yethwasa noma yiyiphi leyo oluyinikezwe ngumninimuzi noma-ke Iowo ozogcina izimfanelo zonke zethwasa.
Ngakusasa zizovuka ziye emfuleni izangoma ziyogeza zibuye sezivunule. Izangoma zivunula ngezidwaba zazo ezinhle ezigcotshwe kahle zanomsendo. Imiyeko lena ihlotshiswe ngobuhlalu. Zinqwambile ngakho konke okunjengamathambo omgogodla wenhlwathi, isikhumba senhlwathi, isikhumba sengwe noma sebhubesi kanye neminqwambo eyejwayelekile yezimbuzi. Ziphethe amashoba azo ezinkomo nawezinkonkoni. Zigqize ngobhedezane ezihlakaleni nasezithweni (namhlanje sekufakwa ubusenge). Lapha ezintanyeni nasezinkalweni awusaziboni ngenxa yobuhlalu. Zivunula nje kuyaphekwa laphaya ekhaya.
Zizonele zibuye bese zingena endlini futhi. Manje sezizogida kakhulu impela. Uma zishaya phansi kwenanela imfecane. Dukuduku sekungena inyama ibekwa phambi kukayise wezangoma. Usezokhuluma ebika umsebenzi okuhlangenwe ngawo. Esho ukuthi usecela ukuba amakhosi ethwasa ahlangane abemunye ukuze kuthi lapho esekhishwa lingabe lisenzeka iphutha, kepha kubonakale izinhlahla nomsebenzi udume. Qha-ke emva kwalokho usezoyaba inyama lena kudliwe kuthi nikilili. Amaqatha azokwehliswa ngotshwala qede kubongwe bese uchitheka umkhosi. Uyise akalishiyi belu ithwasa lakhe. Phela sekuzolungiselelwa ukuba likhishwe manje.
Ngcela ukubuza ukuthi kuchazani ukuphupha ubhodla njengebhubesi?
Sawubona, sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/amaphupho-ngamabhubesi/
Ngyabingelela,ziningi izimpawu engizitholayo ezichaza ukuthi kungenzeka ngibe nomoya noma nemimoya,ngingenza kanjan ukuthi ngibe nesiqiniseko salokho
Cofa lapha ukuthola impendulo Ngibhulele
Ngicela ukubuza ukuthi nangu umfana wami uye kothwasa besekuthiwa kufuneka imbuzi yentwaso ubhuti wami wayithenga yafa ,kwaphunywa kwayoziwa ukuthi ngabe ibulawe yini?kwathiwa bekungafanele ithengwe ubhuti wami ,funeka ithengwe ubaba wakhe wayithenga wayihambisa ubaba wakhe yafela esangweni lakhona la thwasa khona,ngabe yini ikhona into enjalo ngicela ningisize?
Cofa lapha ukuthola impendulo Ukuthwasa
Thokoza. Mina nginesthunya kodwa asiphakami and abantu abadala ababhoboki. Ngabe inkinga yini
Kusho ukuthini ukuphupha isangoma osaziyo sithi dlisa indoda yakho khona izokuphatha kahle
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngomuthi
Sanibonani , ngcela ukubuza ukuthi uma uphuphe uginyiswa izinja bese ukhuluma nomnikazi wazo ukuthi azivimbe bese yena athi uphuma ubungoma kuchaza ukuthini
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngenja
Philani nonke. Uma ufikelwa isiyezi noma umnyama uhlezi esitulweni kusuke kuchaza initiated lokho noma kusuke kwenzekani?
Bafowethu ngihlutswa idlozi ngiye kabili ekuthwaseni kwangalunga inkinga sengize ngaphelelwa nangumsebenzi angisazi manje ukuthi sebefunani Kimi nanokuthi isicino yini 0663146015 for advisenanokuthi maengingasebenzi ngikhokha ngami sengifiss nokulivala ngoba sekungimoshele impilo nokuthi kukhethwe Mina bese ngihlushekiswa angazi bafethu NG khathele Mina ngokwami ngoba babhidliza yonke into
Ngicela kubuza kusho kuthini ukuphupha ukhulelwe amawele kuthiwe senginama viki angama shumi amabili nambili
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/amaphupho-ngamawele/
Sanibonani. Ngiphuphe umelaphi wendabuko engigcaba emzimbeni. Eceleni kume isalukwazi engingasibonanga kahle hle ukuthi siwubani, sifake iphinifa sishuqulile ekhanda.
Sanibonani. Ngisacela ukubuza lana ngifikelwe yiphupho izolo ngihanjwa inyoka ebovu encane mangimemeza kwaqhamuka umuntu wangifaka ubuhlalu entameni obu white, red and white. Ngisacela incanzelo
Ngiyabonga
Nalu ulwazi esinalo ngalokho: https://iafrika.org/amaphupho-ngenyoka/
Sanibona, ngicela ukwazi ukuthi,wazi kanjan ukuthi isidalwa sakini sihleli kuwe, kodwa asikwazi ukusebenza ngawe ngoba wena awazi?
Ngihambe ngayohlala kwatholakala ukuthi yisona simo sami leso, kuthiwa angidingi ukuthwasa kodwa ikhona indlela yokwamukela lesisipho khona lizophakama lelidlozi. Kungani ngingakaze ngizibone izimpawu zalokhu?Umakuwukuthi iqiniso leli, iziphi izinyathelo ekumele ngizithathe kuzekhona ngizokwazi ukuqhubeza umsebenzi wabakithi?
Ngiyabonga,
uMbali
Mina ngihlushwa yiphupho elilodwa ngihlezi ukuphupha ngiseskoleni sibhala test kodwa baqede bonke mina thole ukuthi angibhale lutho akubhaleki selokhu langiqala 2006 ngiphuma eskloni namanje liyanghlupha Libya noma kabili evikini
Nami nginwnkinga yalelo phupho yazi.
Nginenkinga mengiphuphile ngisho ngabe belibaluleke kanjani phupho angibe ngisakhumbula lutho mangivuka kuseni, ngabe kudalwa yini okunjalo ngabe kona laphe kumele ngilungise kona?
Lutho Mahlase! Mlotshwa! Wena kankom’ inezitho ezinhlanu, othandayo usika esakhe! Akonakele ndawo. Baningi abantu abawakhohlwayo amaphupho, baningi futhi nabangaphuphi ngisho ukuphupha. Kuya ngabantu. Kanti futhi ukukhohlwa ngamaphupho noma ukungaphuphi akusho ukuthi leso koba yisimo esohlala sinjalo unomphela. Iphupho okufanele ulikhumbule kuyozenzakalela ukuthi ungalikhohlwa. Asixoxe ezinye: Uzibonile nje izithakazelo zakini kwaSibisi esinazo kulenkundla? Bheka lapha: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwasibisi/
Sanibona , ngcela ukubuza ukuthi kusho ukuthini ukuphupha umuntu wesilisa osebenza naye zize zine izikhawu umuphupha . Okuokuqala nokwesibili kwakungathi ngikubo, okwesithathu sasisemsebenzini sekungathi kunobudlelwane afuna ukubenza waze wangibamba nje, okwesine ngamphupha ke manje engathi sise msebenzini kungath siyathandana kodwa kuyinto efihliwe …
Mayelana nokuphupha uphindaphinda lomuntu wesilisa ake ubheke nalu ulwazi esinalo – ubheke ikakhulukazi isigaba sesibili lapha: https://iafrika.org/amaphupho-okuphonswa/ Uthi bewazi nje ukuthi sinomlando nezithakazelo zakini kwaZondi? Bheka lapha: https://iafrika.org/izithakazelo-nomlando-wakwazondi/