Izithakazelo zakwaSibisi

Mahlase,

Mlotshwa,

Bhovungana kaNomashingila kaBango,

Wena kaButhela,

KaMxhamama,

KaSoshayo.

Zimpisi (izibisi) ezimlom’ubomvu nabantabazo,

Wena kankom’ inezitho ezinhlanu, othandayo usika esakhe,

AbakwaGidolo abakh’indlu bayibhekis’ entshonalanga,

Mshayi wodaka kuvel’ uBivane, kuvel’ uPhongolo, kuvel’ uMzinyathi,

Ziphile izizwe kusakhonzwa uMvelingqangi,

Izibisi zikaSishishili, zikaMnqandi kaMtshana, izibisi zikaSikhephukhephu osilev’ eside singangentshebe yembuzi,

Izibisi zikaGawula kaNsuku!

AbaseMbo Buthelezi Gumbi Gumede Gwala Izibongo Izigodi Langa Magwaza Manqele Masuku Mbatha Mbonani Mkhize Mlaba Ndwandwe Nene Ngcobo Ngema Ntombela Ntuli Nzama Nzuza Qwabe Shembe Shezi Sithole Zondi Zulu Zwane

Leave a Reply