“Sigula sibaningi” lesi sekuze kwayisisho nje esijwayelekile kubafowethu ikakhulukazi abahlala emahostela. Lapho ekusho lokhu esebambe ezakhe ebheke enyangeni eyozinyanga isifo sakhe. Kahle kahle lesisisho sesimanje sisho ukuthi akekho ongaguli, ongenakho okwakhe kanti ke futhi akekho ongadingi ukwelashwa. Ngenhlanhla ke laba abahlala emahostela bahlala nazo izinyanga lezo nezangoma okwabo kulula. Ukuhlala ehostela nakho njengazo zonke izindawo kunezinselelo zakho nakho. Zidlana imilala impela ngoba phela nakhona kuyabekelwana futhi kuyeqiselwana sengisho umeqo noma umbhulelo. Ukuhlala nabantu abakhonze abakhambi kuhle, kubi ngoba phela amakhambi awagcini ngokwelapha aphinde abhidlize imizi kukhunkulwe nangawo. Uma izinsizwa zizodwa ziyachomelana nangazo izintombi lezi okuyikhona ke la okugcinwa kubekelwana khona.
Umbhubhelelo lona usuke ubekelwe umuthi waweqa emva kwalokho bese uyagula, noma uthi uhamba odokotela bengatholi ukuthi ngampela uphethwe nhloboni yesifo leso kuze kudinge ukuthi ubhulelwe isangoma thizeni. Igama lombhulelo leli lisuka ekutheni akulula ukwazi ukuthi umuntu uma egula usuke uphethwe yini. Bese kuyiwe kwabamanga izangoma sekuyohlolwa kubhekwe ukuthi lo muntu njengoba ezithanqaza nje engabe udliwa yini. Imvamisa izifo ezibhulelwayo ngeSintu kuba esezinyaweni, okhalweni noma ekhanda. Bese bethi akabhulelwe ukuthi uphethwe yini, kuyothi ke uma sekubhuliwe kwatholakala ukuthi yini le esuke imphethe bese kuthiwa “umbhulelo” ngakho ukuthi usuke esebhulelwe ukuthi yini emphethe kwase kutholakala lento esuke imphethe lowo muntu. Leli gama lisuka ekuguleni osuke unakho nasekuhambeni usuyofuna usizo ngokuthi ubhulelwe ukuze uthole ukuthi uxakwe yini.
Ukubhula ke nabantu abahlala emahostela ikakhulukazi kusuke kuhlolwa izifo kanye nokuthi yini izinto zabanye abafwethu zingalungi noma uma bebona engathi banesinyama izinto zabo azibalungeli nhlobo. Ukubhula ke lokhu kwesinye isikhathi akusho ngqo! Ukuthi umuntu uphethwe yini phela zikhona nezangoma ezidla imbumba ezinamanga ezishaya umhlahlo obheke eceleni. Ingakho kubalulekile ukuthi kungabi ikhona konke okufaka enhliziyweni nasemqondweni okuthole kade uhlolelwa.
Cela ukubuza mawuphuphe ulusa inkomo emhlophe ezele amankonyane amhlophe
Sawubona, sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/amaphupho-ngenkomo/
Ukuphupha umzali wakho eshonile kuwumngcwabo wakhe
Sawubona, sicela ubheke lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngomngcwabo/
Ngjphuphe.ngigibele.ibhusi
Ndicela ukwazi xa uphupha bantu abafile kodwa ungaphuphi umntu wakini, uphupha umngani ongasekhoyo.
Cofa lapha ukuthola impendulo Ukuphupha abantu abangasekho emhlabeni