Umehluko phakathi kwamasiko, usikompilo, kanye nomkhuba

Kujwayelekile ukuthi uma sikhuluma siphambanise phakathi kwezinto ezingu mkhuba owenziwayo, amasiko kanye nosikompilo lwabantu. Akusilona icala ukuphambanisa lamagama kepha kuhle ukwazi ukuthi asetshenziswa uma kwenziwani futhi kukhulunywa ngani. Njengabantu abakhule ngesintu, kunezinto ezingamasiko eziyinsila yethu thina Zulu esizenzayo, mase kuba khona usikompilo lwemizi kanye nezigodi ezahlukene bese kuphetha ngemikhuba eyenziwayo endaweni, esigodini okanye ekhaya noma … Read more

Ukwakheka Kwesigodi, Ukuqanjwa Komuzi Wesibongo Esisodwa

Isigodi indawo eyakhelwa ngabantu besibongo esisodwa isikhathi esiningi. Bese beba nomholi wabo okuvamise ukuthi kube ngumuntu omdala kubona ogcina eseyinkosi yabo. Labantu iningi labo liyazalana ngenxa yesibongo esifanayo kodwa futhi kuyenzeka kubekhona nabafika bezocela indawo yokuhlala endaweni bengebona abozalo lwakulowomuzi. Ezindaweni zasemakhaya abantu bayasikelwa indawo yokuhlala ngumholi womphakathi noma ingane uma isikhulile isisezingeni lokuqala umuzi … Read more