Umehluko phakathi kwamasiko, usikompilo, kanye nomkhuba

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kujwayelekile ukuthi uma sikhuluma siphambanise phakathi kwezinto ezingu mkhuba owenziwayo, amasiko kanye nosikompilo lwabantu. Akusilona icala ukuphambanisa lamagama kepha kuhle ukwazi ukuthi asetshenziswa uma kwenziwani futhi kukhulunywa ngani. Njengabantu abakhule ngesintu, kunezinto ezingamasiko eziyinsila yethu thina Zulu esizenzayo, mase kuba khona usikompilo lwemizi kanye nezigodi ezahlukene bese kuphetha ngemikhuba eyenziwayo endaweni, esigodini okanye ekhaya noma emzini othile. Zulu omkhulu ake siyihlabe, siyihlinze, siyipheke ngogalaza sinephulele yona siphinde siyethe ngezithebe ukuthi nisine nizibethele ngolwazi lokwehlukanisa isiko, umkhuba kanye nalo usikompilo.

Uma sikhuluma ngezinto esithi amasiko kwaZulu, sikhuluma ngezinto eziwumgobo wesizwe sonke ukuthi kwenziwe, akusikhona ukuthi kuyimpoqo engakuyisa esigcawini senduna noma senkosi ukungakwezi lokho. Kepha kuyinqubo mgomo yakhona ukuthi kwenziwe. Izinto ke esingathi amasiko kuthina awethu impela esingawancelanga ndawo sibala ukwemuliswa kanye nomkhehlo. Asigcini lapho, siphinde sibale inqubomgomo noma imicikilisho eyenziwa uma kuganwa noma kuganiselwana. Lapha ke singabala ukulobola ukuze uganwe uthathe umakoti wasekhaya,  izibizo, ingqiba masondo kanye nalo undendwe njalonjalo. Kanti akugcini lapho sikhele phezulu nje uma sibala nesiko lezibongo ngoba umuzi nomuzi uba nosiko lwawo ingakho kukhona imizi egcabayo ,eminye inqume iminwe ezandleni ngenxa yokuthi kungamasiko akulowo muzi. Kuhle sikubalule ukuthi kwezinye izibongo zikhona nezinto eziba imikhuba yakhona ukuthi zenziwe okungalona usiko , lokhu mhlambe singabalula ukukhonza enkonzweni ethile kwabantu balowo mndeni. Kokunye singabala nendlela okuhlaliswa ngayo abantu ekhaya uma kunomcimbi nokuthi ukudla baphiwa kanjani kanye nendlela yokuhlinza imbuzi kulowo muzi uma kunomsebenzi owenziwayo.

Sesibhungile saphinde sathi ukwenaba kancane ngokuhlukanisa umkhuba kanye nesiko noma nje sigcine ngenhla kwamadolo ngolwazi njengamanzi esihosha. Zulu ‘mkhulu, isikompilo lona kuba olwezigodi. Izigodi ezithile zinendlela yazo yokwenza izinto ezahlukene nakwezinye izigod. Isibonelo nje, singabalula ukuthi ukuvunula kwezigodi akufani noma besuke behlobe ngayo imvunulo kaZulu kepha kayifani. Kukhona abahloba bephathe amahawu amade, kanti abanye bahloba ngamahawu amancane, abanye kuba amabheshu nezinene ezinde abanye kube okufushane. Lokhu kusho khona ukuthi usikompilo lwezigodi azifani noma ngabe zihlose ukwenza into eyodwa. Ngisho ukudlala kwengoma akufani kuhlukana ngazo izigodi nezindawo, ingakho kukhona abagida ushameni, kukhona abagida isigekle, kukhona izigodi ezishaya indlabu kube khona nabanye abagida olunye uhlobo njalonjalo.

Into enhle iyathandeka impela ngoba akekho ongawathandi amaphiko egwalagwala, ingakho ke nosikompilo lukwazi ukudlulela kwezinye izigodi noma lusuke lungaqalanga khona. Ingakho kwenzeka ukuthi ukwenza kweminye imikhuba kugcina udlulele ezigodini ezahlukene ngenxa yokuthi umkhuba uma umuhle nabanye bayawuthanda bawuthathe bawuqhube ngakubo ugcine sewandile ezigodini eziningi. Kepha lokho kuhlala kuyisikompilo hhayi isiko! Njengokuthi uma kubekwa umuzi omusha bese umphakathi uyosiza abanikazi bomuzi, lokho kuyisikompilo lwezigodi ezithile ngoba kwezinye izindawo abaqhubikanjalo. Sesivala nje, isiko elesizwe esithile sonkana sindawonye sihlanganisa izigodi, isifundazwe kanye namakhosi esifundazweu. Isikompilo olwezigodi, bese kuthi umkhuba kuyaba owasekhaya, emphakathi kanye nezigodi ezahlukene.

Leave a Reply