Ukuphupha isangoma sikuphahlela kungasho ukuthi unobizo lobungoma noma leso sangoma yisona esingakuxhumanisa nedlozi lakho. Uma usazi lesosangoma kungasho ukuthi sizama ukukucela edlozini lakho ukuthi wethwasiswe yiso noma ugcine usuthandana naso.
Kwesinye isikhathi ukuphupha usesangomeni uhlola kusho ukuthi abakini bazama ukukunika umyalezo, uma usazi leso sangoma ophuphe uhlola kuso kumele uye kuso sizokunika usizo. Uma kuyisangoma ongasazi, engekho nosaziyo emndenini kufanele ukhanyise amakhandlela ucele indlela eya kuso leso sangoma.
Uma uphupha uhlola, okuhlolelayo emamatheka, kungasho ukuthi izinguquko ezintsha ezinhle zikulindele futhi zizokwenzeka maduze.
Uma uphupha okuhlolelayo engachachambile kahle ebusweni ekhombisa ukungajabuli, lokhu kungasho ukuthi uzodlula esigabeni esimbi empilweni yakho, kungenzeka kube nokudabuka nokukhala.
Ukuphupha wena uhlolela omunye umuntu kungasho ukuthi unemimoya.