Amaphupho ngamabhokisi okungcwaba

Uma uphupha ukuthi ubone ibhokisi lokungcwaba kusho ukuthi umuntu omaziyo uzodinga usizo lwakho.
Ukuphupha ibhokisi lomngwabo kuwuphawu olubi olungabika isifo noma ukuthi kunomntu omaziyo osuke ezodlula emhlabeni kungekudala.
Ukuphupha ibhokisi lomngcwabo livaliwe kungasho ukuthi kukhona okukhulu okubalulekile futhi ofihlelwe khona.

Uma uphupha ibhokisi lomngwabo elivaliwe kungasho ukuthi kunenhlanhla yakho evaliwe ngemithi emibi ngabantu abangalungile.
Uma uphupha ibhokisi lomngcwabo livaliwe kuwuphawu olubi olungasho ukuthi izimo nezinguquko  ezimbi nengcindezi enkulu esikhathini esizayo.

Ukuphupha ibhokisi lomngwabo livuleka noma livulekile kuwuphawu oluhle olungasho ukukhululeka noma ukuqala kwesigaba esisha sokufezeka kwezinhlelo emva kwesikhathi eside. Lolu uphawu olungavela uma kuwukuthi kade uhamba uzama ukuvula impilo yakho ngemikhuleko, izinyanga noma abathandazi.
Ukuphupha ibhokisi lomngwaabo kungasho ukuthi sekufike isikhathi sokuthi uqede ubudlelwano obungasenzi kahle.

14 thoughts on “Amaphupho ngamabhokisi okungcwaba”

  1. ingane iphuphe udade wethu esebhokisini iphakathi emotweni yezidumbu kodwa yadlula ekhaya yaya kwami lapho ngilhala khona yavele yama phambi kamnyango

    Reply
  2. Sanibonani, ngicela usizo, ngake ngaphupha ngisebhokisini lokungcwaba lomuhla ngiphuphe ngiyoncwaba umuntu engimaziyo osowafa ,

    Reply
  3. Kuchaza ukuthi ukuphupha kushanelwa izibi seziyophuma zishaywe umoya bese zishanelwa zibheka ngasemsamu, zingithele bese bengithuntutha

    Reply
  4. kusho ukuthini, uma uphupha ngathi wemba umgodi uthukile bese uthole ibhokisi ngaphansi uma ulivula lingathi lina madrawer

    Reply
  5. Kuchazani uma uphupha engathi umuntu wakini ushonile. Kuleli phupho bengisemotweni nabantu engingabazi ngehlika ngiyobika kubaba omdala ukuthi umama useShonile

    Reply

Leave a Reply