Amaphupho okuphonswa noma okusongelwa
Ukuphonswa yinto eyenziwa ngumuntu ophilayo emhlabeni. Umuntu uma engakuthandi uyakwazi ukuthi akuphonse noma kukhona umuntu okuthakathayo. Uma umuntu ekuphonsa lowomuntu usuke ewumthakathi. Ngoba usuke ekwenza into embi ngoba usuke engakufuni efuna ukuthi ulimale noma ufe. Omunye usuke enomona ngezinto ezenzeka kuwena nasempilweni yakho.