Kafushane ngamaHlubi
Umlando wesizwe samaHlubi, okuyisizwe okwavela kuso abakwaHadebe, usizekela ukuthi lesisizwe sadabuka emhlangeni echibini elikhulu lakwaNdondondo, eCongo. Kuthiwa abantu babelokhu bezwa kukhona abakhuluma emhlangeni kulelo chibi lakwaNdondondo elalesatshwa, bekhuluma sengathi beza nganeno, basondela ngakulabo ababebezwa. Kwathi lapho labobantu abakhuluma echibini bephuma, baphuma bebaningi kanye nemfuyo yabo. Kwakungathi asikho isilwane esasingekho; kukhona izinkomo, amahhashi, izimbuzi, izimvu, kanye nezinye izilwane. Kuthiwa lababantu bawuhlanga lwamaHlubi. Kuthiwa bangabakwaBhucwa ngoba kwabhucwa udaka echibini baphuma kulo. Kwathi ngemuva kwesikhathi sekubusa iNkosi uHadebe bonke lababantu babe sebeshintsha bezibiza ngoHadebe. Abantu bakwaHadebe, noma Radebe, bangabaseMbo.
Kunenkolelo yokuthi amakhosi akwaHadebe adabuka edwaleni, eduze komhlanga namanzi.Umhlanga namanzi kumele amasiko, idwala lona limele ukuthi uma ekhothama lamakhosi abuyiselwe kulona. Amakhosi akwaHadebe angaphezu kwamashumi amabili (20) azinze KwaZulu-Natali naseMpumalanga Koloni wonke akhonza enkosini yawo enkulu eseMtshezi, iNkosi uMuziwenkosi (uLangalibalele II) kaTatazela kaSiyephu kaLangalibalele I.
Nazi izindawo amakhosi akwaHadebe aqhamuka kuzona: eNewcastle, eMnambithi, eMtshezi, eXobho, eHershell,eMatatiele, eMt Fletcher, kuQumbu, kuTsolo naseRustenburg. Umlando wobukhosi bamaHlubi usuka enkosini uChibi, ngokulandelana kwawo amakhosi uLubelo walandelwa nguBhungane I owabe aziwa ngokuthi uBusobengwe. UBusobengwe walandelwa nguFulathelilanga, yena walandelwa nguBhele. UBhele walandelwa wuDlomo I, owabe aziwa ngokuthi uLufelwenja, yena owalandelwa uSidwabasenkomo.
USidwabasenkomo walandelwa nguMhunu, yena walandelwa uMpembe, uMpembe walandelwa nguMhlanga, uMhlanga walandelwa wuMusi, uMusi walandelwa nguMasoka, uMasoka walandelwa nguNdlovu, uNdlovu walandelwa nguDlamini, uDlamini walandelwa uMthimkhulu, uMthimkhulu walandelwa nguHadebe, uHadebe walandelwa wuNcobo, uNcobo walandelwa nguDlomo II, uDlomo II walandelwa nguMashiya, uMashiya walandelwa nguNtsele, uNtsele walandelwa uBhungane II, uBhungane II walandelwa nguMthimkhulu II,uMthimkhulu II walandelwa nguLangalibalele, uLangalibalele walandelwa nguSiyephu, uSiyephu walandelwa nguTatazela, uTatazela walandelwa inkosi ebusayo uMuziwenkosi.
Wagqokiswa ubani ingobe inkosi yakwahadebe lekuthiwa yagqoka ingobe futh kwakungan igqoka ingobe
Ama mpunge wonke lawa okoku qala uNdlovu uMotloeng okwesibili uDlamini uzalwa ngu Nomaswazi beno Zwide kudabuke amaSwati
ewu siyabonga ngomlando omuhle kangaka …. ngisacela ukwazi umlando waka Maluleka nowaka Dafedi oo Mdlelanga
Izizwe noma izibongo lezo ezingaphansi kobukhosi bama Hlubi ama Hlubi anobokhosi bawo bodwa ziwu izibongo ngaphansi kobukhosi bama Hlubi izibongo ezinye zingama gama abaqanjwa wona kwase kuba isihlahla sama Hlubi
Why kinezinye izibongo la ebukhosini bakwa Hadebe
Kambe kungabe kusho ukuthi abakwaHadebe lathi abakwa Mabhena sizalwa ngumuntu munye ngoba u Musi, UMhlanga uNsele lo Masoka yizithakazelo zakwaMabhena.