Umlando wesizwe sama Hlubi

Kafushane ngamaHlubi Umlando wesizwe samaHlubi, okuyisizwe okwavela kuso abakwaHadebe, usizekela ukuthi lesisizwe sadabuka emhlangeni echibini elikhulu lakwaNdondondo, eCongo. Kuthiwa abantu babelokhu bezwa kukhona abakhuluma emhlangeni kulelo chibi lakwaNdondondo elalesatshwa, bekhuluma sengathi beza nganeno, basondela ngakulabo ababebezwa. Kwathi lapho labobantu abakhuluma echibini bephuma, baphuma bebaningi kanye nemfuyo yabo. Kwakungathi asikho isilwane esasingekho; kukhona izinkomo, amahhashi, izimbuzi, … Read more