Skip to content
- Ukuphupha indlulamithi kungasho ukuthi kukhona amathuba angcono empilweni noma usuke uzokwazi ukufeza izifiso osuke unazo.
- Ukuphupha indlulamithi efile kungasho ukuthi uzolahlekelwa umuntu obalulekile kuwe, okungaba ukuphela kobudlelwane noma ukwedlula komuntu omkhonzile emhlabeni.
- Ukuphupha indlulamithi ibaleka kungasho ukuthi kukhona izinkinga obalekela ukuzixazulula.
- Ukuphupha indlulamithi idla kungasho ukuthi kukhona ingcebo ezayo ngenxa yokusebenza kokuzikhandla.
- Ukuphupha izindlulamithi eziningi kungasho ukuthi uzobusiswa ngezingane eziningi noma kungasho ukuthi kukhona ozokhulelwa noma ozokhulelisa. Kwesinye isikhathi kungasho ukuthi inkinga owayigwema wangayixazulula izokulandela.
- Ukuphupha indlulamithi igula kungasho ukuthi kunomuntu osondelene nawe ozolulama abe ngcono ekuguleni kwakhe.