Amaphupho ngokufuya izinkomo

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphupha ufuye izinkomo kunezincazelo ezahlukahlukene: Kubantu abacebile empilweni kusho ukwenzeka kwento ezoba yihlazo noma ukulahlekelwa okukhulu. Kubantu abampofu lisho ukuzuza okuthile. Ubunjalo kanye nesimo sezinkomo ophupha uzifuyile nakho kunezincazelo zakho: Uma uphuphe ufuye izinkomo ezikhuluphele, lokho kusho inala. Kanti uma uphuphe ufuye izinkomo ezondile, lokho kusho ukuza kwendlala.

Amaphupho ngenkomazi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Zihlukene izinto ezichazwa ukuphupha inkomazi, incazelo itholakala ngokuthi inkomazi ibiyenzani ephusheni. Uma uphuphe ikujaha lokho kuyibika lokubakhona kwesitha. Uma ikuficile futhi yakulimaza, lokho kuchaza ukuthi sizogcina sikunqobile isitha sakho. Kanti uma iphupho liphetha ngokuthi ingakufici lokho kuhle, kusho ukuthi uyosinqoba isitha sakho. Uma uphuphe uyisenga lokho kuhle, kuyisibonakaliso senzalo ozoyithola ekuhambeni kwesikhathi. Uma ungumuntu wesifazane … Read more

Amaphupho ngenkukhu

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ubona izinkukhu kusho izinto ezinhle ingqobo nje uma zingekanye namatshwele. Ngaphandle kwamatshwele iphupho lisho ukuthi uzoba nenjabulo kanye nempumelelo kodwa uma kunamatshwele kusho ishwa ukwenqatshwa kanye nokulahlekelwa ikakhulukazi kwezothando noma emsebenzini.

Amaphupho ngenkomo

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ubona izinkomo noma amankonyane incazelo iya ngokuthi uyazilawula noma cha. Uma uzibona zisemadlelweni noma uzelusa kusho impumelelo nenhlanhla ekusaseni lakho. Uma zikuhubha kusho ukuthi izitha zakho zikukhunkule ngomoya omubi futhi zizokunqoba. Kuhlale kuyishwa ukuphupha inkomo emnyama nokho futhi kusho ukuthi kuzoba nezinkinga emsebenzini wakho noma ebudlelwaneni bakho.

Amaphupho ngembongolo

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ubona imbongolo kungasho izinto ezinhle noma ezimbi. Uma uyigibele imbongolo kuzoba nenkinga ekusaseni lakho futhi abantu obubathemba bazokuhlubuka. Uma imbongolo ikulandela uyokhathazwa umona nenkohliso kodwa konke kuyodlula. Uma ubona imbongolo kodwa ungathintani nayo kusho ukuthi uzophumelela naphezu kwezinkinga. Ukuphupha imbongolo uyigibele kungasho ukuthi uphokopheella phambili futhi izifiso zakho zizophumelela.Ukuphupha imbongolo emhlophe uyigibele kungasho … Read more

Amaphupho ngengulube

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ubona ingulube kungaba kuhle noma kube kubi. Uma yeqa endleleni yakho bese ibaleka kusho ukuthi wena uzophunyukwa yithuba elikhulu. Uma ikubona kodwa ingenandaba nawe, lokho kusho ukuthi uzophumelela futhi ucebe. Uma uphupha ngengulube yesilisa ngokukhethekile, kusho ukuthi umkakho uzoba yinkinga. Uma uphupha ingulube efile uzothola izindaba ezinhle ezivela kude. Ukuphupha ingulube futhi kungabika … Read more

Amaphupho ngenja

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ubona inja kuwuphawu oluhle uma iziphethe kahle futhi ikulalela ikakhulukazi uma kuwumdlwane. Uma inja ingaziphethe kahle ilwa noma iphula izinto kusho ukuthi uzoba nenkinga empilweni yakho kungekudala, ikakhulukazi leyonkinga ivela kubantu abangathembekile. Uma inja ikuluma, kusho ukuthi kukhona umuntu okuzingelayo okungenzeka ukuthi ukukhunkula ngisho nangomoya omubi. Uma uphupha inja ikhonkotha noma iklewula lokho … Read more

Amaphupho Ombango

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kunabantu abanesiphiwo ngendlela eyisimanga abanye abayi ngisho ukuyohlola komunye umuntu ngoba konke okwenzekayo kubona bayakuphupha. Kwesinye isikhathi athi uyohlola ngoba efuna ukuba nesiqiniseko avele umuntu ohlolayo amtsheleukuthi useyayazi nje into ayizele kuyena. Kuvamise ukuthi umbango kube yinto embi futhi egcina ingakhipha ngisho isidumbu. Kuqala umbango kwakujwayeleke ukuthi kube yilapho abantu begane umuntu oyedwa babange bagcine … Read more