Amaphupho ngokugula

Asho ukuthini amaphupho ngokugula? Lokhu kuhlanganisa izingozi nokulimala, ukulunywa, ukukhubazeka ngokungaboni emehlweni, amadlebe avalekile, igazi nokopha, amathumba, ukuphefumula, amathambo aphukile, umkhuhlane, ukukhwehlela, ukukhubazeka, ukushawa yinzululwane, isifo, ubuhlungu endlebeni, izimilela, ukuphathwa yikhanda, uchoko, ukuhlanya, isimungumungwana, umuthi, ubuhlungu, ingxibongo, ubuhlungu emphinjeni kanye namanxeba.

Amaphupho asho isichitho noma isinyama

Uma ushawe ngesichitho kusho ukuthi kukhona osuke ekugadla engakufiseli okuhle ngoba phela isichitho siyisinyama, noma nje ngithi sihambelana naso. Uma ube nehlanhla ke namathongo akini ekubhekile uyakwazi ukuphupha okukuvezelayo ukuthi kukhona umuntu okuhambela sinyelela ongafuni ukukubona uphumelela. Kanti ke ukuphupha iphupho eliqondene naso isichitho akusiyo inhlanhla kuphela ngoba phela isichitho leso kuyenzeka sithunyelwe ngalo iphupho … Read more

Amaphupho ngamathambo

Uma uphupha ubona amathambo kusho ukuthi uzobhekana nezikhathi ezinzima kungekudala. Uma uphupha ukuthi uphuke amathambo, ngemvamisa kusho ukuthi kuzoba nezikhathi ezinzima ezizayo ekusaseni lakho. Uma kuwukuthi imilenze yakho ephukile, kusho ukuthi uzoshada nomuntu ongenawo amandla. Uma ungowesifazane kusho ukuthi umyeni wakho uzoba yivila nesidakwa esingakwazi ukukusekela. Uma ungowesilisa, kusho ukuthi unkosikazi wakho uzoba ngumuntu olungile, … Read more

Amaphupho ngokulahlekelwa wumqondo

Uma uphupha ukuthi awuphilile kahle sengathi ingqondo ibuye ilahleke, lokho kusho ukuthi unenhlanhla futhi uzophila impilo ende nenothile. Uma omunye ephusheni lakho kunguye obukeka engaphilile ngokwasekhanda sengathi ulahlekelwa wumqondo, lokho kungasho ukuthi wena uzothola izindaba maduzane okungenzeka ukuthi zizokushaqisa. Amaphupho ngokukhubazeka.