Amaphupho ngokuphefumula
Uma uphupha ukuthi awukwazi ukuphefumula ngenjwayelo kuwuphawu olubi. Kusho ukuthi kungenzeka ube nesikhathi esinzima. Amaphupho ngomkhuhlane.
Uma uphupha ukuthi awukwazi ukuphefumula ngenjwayelo kuwuphawu olubi. Kusho ukuthi kungenzeka ube nesikhathi esinzima. Amaphupho ngomkhuhlane.
Uma uphupha ukuthi unamathumba kungenzeka uzizwe ungaphilile maduzane. Uma uphupha ukuthi omunye umuntu uhlushwa amathumba uzophuka inhliziyo esikhathini esimaduzane esizayo ikakhulukazi uma lowo muntu enguphathina wakho.
Uma uphupha ukuthi uyopha isikhathi eside futhi awazi ukuthi kungani kusho ukuthi uzohlangabezana nesikhathi esinzima maduzane. Uma ukhwehlela igazi uzozithola ulwa maduzane. Kodwa uma uhlanza igazi lokho kusho ukuthi uzoba nenhlanhla.
Uma uphupha ukuthi uzwa umuntu ekhuluma nawe kodwa izindlebe zakho zivalekile kusho ukuthi ubizwa amadlozi. Amaphupho ngomkhuhlane.
Uma uphupha ukuthi ukhubazeke ngokungaboni emehlweni, kusho ukuthi kungenzeka wenze iphutha elikhulu, kodwa lokho kungagwemeka uma ulalela izeluleko zabanye abantu.
Uma uphupha ukuthi ulunyiwe kusho ukuthi kukhona into ezokwenzeka maduzane ezokwenza ube nesikhwele kakhulu. Uma unenxeba lenyoka ephusheni lakho kuzoba yinto ehlangene nobudlelwane.
Uma uphupha ukuthi usengozini futhi ulimele kusho ukuthi kufanele uqaphele ngoba khona into embi ezokwenzeka kuwe maduzane. Uma ingozi ihlangene namanzi kungenzeka ukuthi unezinkinga zobudlelwane futhi uma kungenxa yokuthi omunye umuntu uyakulimaza uzoba nenkinga emsebenzini. Amaphupho ebhadi. Amaphupho ngenxeba. Amaphupho ngokulunywa. Amaphupho ngensimbi.
Amaphupho ebhadi isikhathi esiningi awadingi ukuthi ahunyushwe noma achazwe ngoba okwenzeka kulona kusuke kuyilokho okuphuphayo. Uma uphupha usendaweni emnyama ungakwazi ukuphuma kuyona. Kusuke kuyibhadi ongeke uphume kulona. Uma ujwayele ukuphupha leliphupho kubalulekile ukuthi uma ungumuntu okholelwa ezintweni zesintu uhambe uye kulabo ababonayo noma izangoma. Usuke utshengiswa ukuthi izinto zakho zimnyama azilungile. Ibhadi liyenziwa ngumuntu owumthakathi … Read more
Amaphupho nezincazelo zawo esizibheka lapha ngaweziphonso zokufa kanye nezokufuna intombi. Ukuphonswa yinto eyenziwa ngumuntu ophilayo emhlabeni. Umuntu uma engakuthandi uyakwazi ukuthi akuphonse noma kukhona umuntu okuthakathayo. Uma umuntu ekuphonsa lowomuntu usuke ewumthakathi. Ngoba usuke ekwenza into embi ngoba usuke engakufuni efuna ukuthi ufe. Omunye usuke enomona ngezinto ezenzeka kuwena nasempilweni yakho. Iziphonso zensizwa uma ifuna … Read more