Ukuphupha uncelisa
Leli iphupho elinencazelo efanayo nokuphupha umchamo noma indle okanye ukuphupha isesele (ixoxo) noma amasesele. Lokhu kusho ukuthi kunomuntu okushaya ngesichitho esiphehlwa ebusuku nasekushoneni kwelanga sesahlukaniso sothando.

Uma ushawe ngesichitho kusho ukuthi kukhona osuke ekugadla engakufiseli okuhle ngoba phela isichitho siyisinyama, noma nje ngithi sihambelana naso. Uma ube nehlanhla ke namathongo akini ekubhekile uyakwazi ukuphupha okukuvezelayo ukuthi kukhona umuntu okuhambela sinyelela ongafuni ukukubona uphumelela. Kanti ke ukuphupha iphupho eliqondene naso isichitho akusiyo inhlanhla kuphela ngoba phela isichitho leso kuyenzeka sithunyelwe ngalo iphupho … Read more
Ukuchaza amaphupho kuyingxenye esemqoka osikweni lwe-Afrika. Umbuso wemimoya uyingxenye yansukuzonke empilweni yemiphakathi eminingi yama-Afrika, futhi amaphupho awumongo kulombuso. Izincazelo nemifanekiso okwakha izwe lamaphupho kuguquguquka ngokwehlukana kwimifanekiso yaseNtshonalanga, futhi kwenza uhlelo lwezincazelo olunothile noluvusa imizwa. Osikweni lwe-Afrika, amaphupho axhumanisa abaphilayo nokhokho (namadlozi), kanjalo nabo okhokho (amadlozi) baxhumana kanjalo nabaphilayo. Kwesinye isikhathi amaphupho anikeza impendulo ezintweni umuntu … Read more