Amaphupho ngamaphoyisa

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Amaphupho anezincazelo ezahlukene, kukhona lezo eziqondile kuphinde kubekhona nalezo ezifihlekile. Ukuphupha amaphoyisa kusho okungekuhle, okungabalwa phakathi kwakho yizitha zakho, noma ke isifo esiza koseduze nawe. Uma uphupha ukuthi ubona amaphoyisa noma amasosha, kusho ukuthi kunento embi esazokwenzeka. Uma ulwa noma uxoshwa ngamaphoyisa lokho kusho ukuthi kunezitha ezikuthakathayo noma ezikugadla ngemithi.

Amaphupho ngejele

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ijele, noma ukuthi usejele lokho kuyinto enhle. Kusho ukuthi uzoba nenhlanhla emsebenzini ube nodumo futhi uphumelele ezintweni ozenzayo. Uma weqa ejele kuhle kakhulu futhi kusho ukuthi uzonqoba izinkinga zakho. Uma usebenza njengojele kusho ukuthi abangani bakho bazophuma ezinkingeni maduzane.