Amaphupho ngokuboshwa

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ukuthi uboshiwe kusho ukuthi izikweletu zakho zizokufaka ezinkingeni khona maduzane. Uma uphupha uphunyuka ejele kusho ukuthi unesibindi futhi usebenza kanzima – uzonqoba izinkinga empilweni yakho uphumelele. Futhi uma uphupha ukuthi uboshiwe kusho ukuthi ngelinye ilanga uzoba nodumo noma uphumelele emsebenzini. Amaphupho ahlobene nenkantolo kanye nesijeziso.

Amaphupho ngokulwa

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ukuthi ushaya umuntu uzobangelwa amahloni empilweni yakho maduzane futhi ubudlelwane bakho abuzukuphumelela. Uma omunye umuntu ekushaya, wena ulokhu uzivikela nje, kusho ukuthi ukuhletshwa kuzokuphathisa ngamahloni. Amaphupho ngokuxolelana, ukuthelelana amanzi. Amaphupho ngendlu yotshani. Amaphupho ngomlilo.

Amaphupho okuphonswa noma okusongelwa

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphonswa yinto eyenziwa ngumuntu ophilayo emhlabeni. Umuntu uma engakuthandi uyakwazi ukuthi akuphonse noma kukhona umuntu okuthakathayo. Uma umuntu ekuphonsa lowomuntu usuke ewumthakathi. Ngoba usuke ekwenza into embi ngoba usuke engakufuni efuna ukuthi ulimale noma ufe. Omunye usuke enomona ngezinto ezenzeka kuwena nasempilweni yakho.

Amaphupho Okuphonswa

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Amaphupho nezincazelo zawo esizibheka lapha ngaweziphonso zokufa kanye nezokufuna intombi. Ukuphonswa yinto eyenziwa ngumuntu ophilayo emhlabeni. Umuntu uma engakuthandi uyakwazi ukuthi akuphonse noma kukhona umuntu okuthakathayo. Uma umuntu ekuphonsa lowomuntu usuke ewumthakathi. Ngoba usuke ekwenza into embi ngoba usuke engakufuni efuna ukuthi ufe. Omunye usuke enomona ngezinto ezenzeka kuwena nasempilweni yakho. Iziphonso zensizwa uma ifuna … Read more