Amaphupho ngothando

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ukuthi usemathandweni kusho ukuthi ikusasa lakho linenhlanhla. Uma uphupha uthanda abangani bakho kusho ukuthi uzophumelela empilweni yakho. Ngisho uphupha ukuthi awujabulile othandweni kusho ukuthi uzoba nomshado omuhle. Ukuphupha umuntu wakho ekujolela kunencazelo ethile (cofa lapha).

Amaphupho ngokuthukuthela

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ukuthi uthukuthele, ngemvamisa kusho ukuthi kunebhadi ekusaseni lakho. Uma ucikekile nje kancane, kusho ukuthi uzothola izindaba ezimbi maduzane, kodwa uma umuntu ekuthukuthelise ngempela uzohlulwa yizitha zakho. Uma uthukuthele ngoba kunomuntu okuthukile, kuzoba nokulwa nophathina wakho noma ebhizinisini lakho.