Amaphupho ngokoma

Uma uphupha ukuthi womile kungasho izinto ezihlukene. Uma womile nje kuphela ungaba nesikhathi esinzima maduzane. Uma womile uphuza amanzi kuwuphawu oluhle ngekusasa lakho uma amanzi ehlanzekile kodwa wuphawu olubi uma amanzi engcolile.

Amaphupho ngozwelo

Uma uphupha ukuthi abantu bayakudabukela ngoba kunento embi eyenzekile kuwe kusho izinto ezinhle kuwe. Uzothola uthando ebudlelwaneni bakho nabanye kanye nempumelelo ekubangisaneni obhekene nakho manje.

Amaphupho ngothando

Uma uphupha ukuthi usemathandweni kusho ukuthi ikusasa lakho linenhlanhla. Uma uphupha uthanda abangani bakho kusho ukuthi uzophumelela empilweni yakho. Ngisho uphupha ukuthi awujabulile othandweni kusho ukuthi uzoba nomshado omuhle.

Amaphupho ngokugodola

Uma uphupha ukuthi uyagodola kusho ukuthi uzobona abangani bakho maduzane nje nibe nesikhathi esimnandi. Uma ugodola kangangokuthi awukwazi ukuyeka ukuqhaqhazela lokho kusho ukuthi uphuza ngokweqile futhi kufanele uyeke isikhashana.

Amaphupho ngovalo

Uma uphupha ukuthi unovalo futhi uzizwa sengathi uzophonsa ithawula kuwuphawu oluhle. Maduzane nje uzoba nenhlanhla ngempela emsebenzini noma esikoleni.

Amaphupho ngenjabulo

Uma uphupha ukuthi ujabulile kakhulu kusho ukuthi kukhona ongakukhohlisa maduzane ngakho kufanele uqaphele abantu obucabanga ukuthi ungabethemba. Uma ujabulile ngoba ugubha okuthile kusho ukuthi uzophumelela kulokhu okwenzayo. Kungasho nokuthi uzoshada maduzane nje uma ujabule kakhulu.

Amaphupho ngokuthukuthela

Uma uphupha ukuthi uthukuthele, ngemvamisa kusho ukuthi kunebhadi ekusaseni lakho. Uma ucikekile nje kancane, kusho ukuthi uzothola izindaba ezimbi maduzane, kodwa uma umuntu ekuthukuthelise ngempela uzohlulwa yizitha zakho. Uma uthukuthele ngoba kunomuntu okuthukile, kuzoba nokulwa nophathina wakho noma ebhizinisini lakho.