Ukuphupha udutshulwa

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphupha kuqhuma isibhamu kungasho ukuthi kunomsindo ongemuhle edlozini kumele kube nenhlambuluko, futhi kungasho ukuthi kunemithi emibi abasuke bekugadla ngayo. Kusho ukuthini ukuphupha udutshulwa kodwa ungafi? Ukuphupha umuntu ekuhubha ngesibhamu kodwa ukwazi ukubaleka agcine engakudubulanga kungasho ukuthi impi ozobhekana nayo noma okubi okuzayo uzokunqoba. Ukuphupha udutshulwa lelophupho alilihle, lingasho ukuthi lona okugadla ngemithi uzophumelela, emva kwaleli … Read more

Amaphupho ngenhlamvu

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ukuthi ubona inhlamvu yesibhamu kuyibhadi uma uyibona kuphela kodwa yinhlanhla nempumelelo othandweni uma udutshulwa ngayo. Ukuphupha umuntu ozwana naye egwazwa – lokho kusho ukuthi uzingelwa isitha esisadla amathambo enqondo ukuthi sizokuthola kanjani.