Ukuphupha kuqhuma isibhamu kungasho ukuthi kunomsindo ongemuhle edlozini kumele kube nenhlabuluko, futhi kungasho ukuthi kunemithi emibi abasuke bekugadla ngayo.
Ukuphupha umuntu ekuhubha ngesibhamu kodwa ukwazi ukubaleka agcine engakudubulanga kungasho ukuthi impi ozobhekana nayo noma okubi okuzayo uzokunqoba.
Ukuphupha udutshulwa lelophupho alilihle, lingasho ukuthi lona okugadla ngemithi uzophumelela, emva kwaleli phupho ungaphathwa izibhobo noma ikhanda. Ukuphupha udutshulwa kungasho ukuthi kunabantu okumele ubaqaphele abakumise kabi.
Ukuphupha abantu ongabazi bedubulana kungasho ukuthi kunabantu osondelene nabo abagadlana ngemithi. Ukuphupha kungabantu obaziyo abadubulanayo khona kungasho ukuthi labo bantu babambelene amagqubu.
Uma uphupha abantu bedubulana, isib. amasosha, bese kudubuleka nawe ngephutha lokhu kusho ukuthi uzongena ezinkingeni noma uzoba yisisulu ngenxa yabantu osondelene nabo.